Kuvalwe imigwaqo kwachithwa udoti emigwaqeni edolobheni iGingindlovu, enyakatho yeKwaZulu-Natal namhlanjei ekuseni kubhikisha abamatekisi kanye nomphakathi.
↧
News24.com | IZITHOMBE: Bavuke umbhejazane kuvalwa igaraji likaphethiloli e-KZN
↧
News24.com | I-ANCYL ifuna axolise ngokuthi ‘akazi noma uzoyivotela yini i-ANC’ obenguNgqongqoshe
Uphiko lwentsha lwe-ANC, i-ANCYL, luthi lufuna axolise lowo obenguNgqongogqoshe wezokuVakasha, uDerek Hanekom, ngezinsolo zokuthi uthe akazi noma usazoyivotela yini i-ANC.
↧
↧
News24.com | Owe-EFF ushayele ihlombe abakhiphe uZuma esiteji kolwabaSebenzi
ISekela likaMengameli weqembu i-Economic Freedom Fighter uFloyd Shivambu uzwakalise imibono yalo ngokwenzeke ngoSuku lwabaSebenzi eBloemfontein.
↧
News24.com | Ithwale kanzima i-ANC kolwabaSebenzi
Bebezalelwe yinja endlini abaholi be-African National Congress (ANC) emigubhweni yoSuku lweziSebenzi izolo ezindaweni ezahlukene.
↧
News24.com | INGOSI: Akukho mnotho ozobuyiselwa kwabamnyama
Mancane kakhulu amathuba, uma ekhona, okuthi abantu abamnyama bakuleli bayoke baqhoqhobale baphinde balawule umnotho wezwe njengoba behlale bethenjiswa osopolitiki.
↧
↧
News24.com | Abafana bewunga abawabheki amawigi edolobheni eThekwini
Abantu besifazane eThekwini sebecabanga kabili ngaphambi kokuthenga izinwele zokufakelwa emakhanda ngezimali ezishisiwe njengoba 'nosikhotheni' kuthiwa abasazibheki lezi zinwele.
↧
News24.com | URamaphosa ucele ibandla lakwaShembe ukuba likhulekele izwe
ISekela likaMengameli uCyril Ramaphosa uzwakalise ukuthi uhambele umgubho webandla iNazareth Baptist Church, elidume ngokuthi ikwaShembe, ngoba eyocela imikhuleko.
↧
News24.com | Useshonile unogada odubuleke kwesokuphanga kwaShoprite
Unogada odutshulwe walimala ngesikhathi kuhlasele izigebengu esitoloto sakwaShoprite eNyanga Junction eKapa, useshonile.
↧
News24.com | BUKA: Ugibele phezu kwemoto ebamba isoka linentombi
Ukhethe ukubeka impilo yakhe engozini owesifazane obambe oqotsheni isoka lakhe lihamba nentombi emotweni eMamelodi, eThswane ngempelasonto.
↧
↧
News24.com | Isiphakamiso ngoZuma sesidale ukwahlukana kwi-NFP
Isiphakamiso sokuba kuvotelwe ukungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma ePhalamende sesidale ukwahlukana kwi-NFP.
↧
News24.com | ‘Ukuthengwa kwezimoto ezibizayo zongqongqoshe akumele kube sezindabeni’
USekela Ngqongqoshe wezokuXhumana, uThandi Mahambehlala, uthi udaba lokuthengwa kwezimoto zikanokusho zongqongqoshe akumele kube sezindabeni.
↧
News24.com | Kuboshwe 6 wabantu abatholakale namakhadi akwa-Sassa
Kuboshwe abantu abayisithupha ababolekisa ngemali ngokutholakala namakhadi akwaSouth African Social Security kanye nemali enxanxatheleni yezitolo eHeidelberg, kusho abakwa-Sassa.
↧
News24.com | Unozinti uthi umdlalo wabo nePirates uzobe ungomkhulu
Unozinti weBidvest Wits uMoeneeb Josephs uthi umdlalo wabo ne-Orlando Pirates uzoba ngomkhulu kakhulu empilweni yabo njengoba befuna ukuqhubeka nokuqhwakela.
↧
↧
News24.com | Kuthungathwa abasolwa kulandela ukudutshulwa kwephoyisa eMamelodi
Amaphoyisa esifundazwe iGauteng aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa abangu-8 abadubule balimaza iphoyisa ngesikhathi kuphangwa esiteshini sesitimela.
↧
News24.com | Owesilisa ushone ngemuva kokuhlinzwa umunwe esibhedlela
Umndeni wowesilisa ushonele esibhedlela saseKalafong ePitoli ngemuva kokuhlinzwa umunwe ufuna ukucaciselwa kahle ngokuthi ubulawe yini.
↧
News24.com | Abasolwa ngokubulala ingane bathi liyabahlula iphunga ejele
INkantolo kaMantshi eColigny ilalele imibiko emibili engafani ngokufa komfana oneminyaka engu-12 ubudala, okuthiwa wabulawa ngabesilisa ababili.
↧
News24.com | Ojele bangeniswe esibhedlela kulandela ukuhlaselwa yiziboshwa
Ojele abahlanu basePollsmoor Prison bathola ukwelashwa esibhedlela kulandela ukuhlaselwa yiziboshwa.
↧
↧
News24.com | 'Umsolwa walivuma icala lokubulala intombazane'
Owesilisa oneminyaka engu-31 ubudala osolwa ngokubulala uStascha Arends, 11, kuthiwa walivuma icala lokubulala, lokhu kutshelwe iNkantolo kaMantshi eMitchell's Plain.
↧
News24.com | Udangele umqashi ngokushona kukanogada eKapa
Inkampani yonogada i-TSU esebenzisana nesitolo sakwaShoprite eNyanga Junction, eCape Flats, izwakalise ukudabuka kwayo kulandela ukushona komunye wonogada bayo.
↧
News24.com | UMengameli uZuma uhlangane neNkosi yamaVenda ngodaba lwaseVuwani
UMengameli uJacob Zuma ubenomnhlangano neNkosi uToni Mphephu Ramabulana wesizwe samaVenda bedingida udaba lwaseVuwani, eLimpopo.
↧