Amaphoyisa aseMakhado, eLimpopo athungatha uKutama Thali, 75, owaduka ngomhlaka-22 Ephreli nonyaka endaweni yaseVleifontein, esigodini saseMunzhedzi.
↧
News24.com | IZITHOMBE: Amaphoyisa acela ukufuniswa laba abadukile
↧
News24.com | IFreedom Movement ihlela omunye umbuthano omelene noZuma
IFreedom Movement kanye namanye amaqembu ezombusazwe azobamba umbuthano omkhulu omelene noMengameli Jacob Zuma ePitoli.
↧
↧
News24.com | Udilikajele kubaba owadlwengula indodakazi iminyaka engu-8
INkantolo yesiFunda yaseVredenburg imgwebe udilikajele ubaba ngamacala okunukubeza nokudlwengula indodakazi yakhe isikhathi esiyiminyaka eyisishiyagalombili.
↧
News24.com | Zimkhalele osolwa ngokwakha itulo lokubulala amalungu eKhabhinethi
Indoda eneminyaka engu-23 ubudala iboshwe woKlebe eMidrand ngoLwesithathu ngezinsolo zokwakha uzungu lokusoconga izikhulu okuthiwa zahlomula kolweState Capture.
↧
News24.com | Izwe alikayitholi inkululeko yezomnotho, kusho i-ANCYL e-KZN
I-ANC Youth League, KwaZulu-Natal, ithi uSuku lweNkululeko ilugubha “ngokuqaphela”, ngoba izwe namanje alikayitholi inkululeko yezomnotho.
↧
↧
News24.com | Kudutshulwe umshayeli weloli eMgungundlovu
Umshayeli weloli ungeniswe esibhedlela kulandela ukudutshulwa esiswini ezintatha namhlanje, kusho abezimo eziphuthumayo.
↧
News24.com | IZimbabwe inengwe ukuphawula kukaMbalula
IZimbabwe isigadlile nayo kulandela ukuphawula okwenziwe uNgqongqoshe wezamaPhoyisa uFikile Mbalula, othe abanye ababengamasosha kuleliya lizwe babhebhezela udlame kuleli.
↧
News24.com | Kufunwa umndeni womfana, 12, owashona engozini
Umfana oneminyaka engu-12 ubudala owashona ngemuva kokugxuma noma ukuwa iloli ihamba eColigny, eNorth West, akakahlonzwa namanje, ngemuva kwesonto ashona.
↧
News24.com | Kwebiwe imoto yebandla eThekwini
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aphenya icala lokwebiwa kwemoto kulandela ukunyamalala kwetekisi yebandla elisePhoenix entshontshwe izolo ekuseni, kusho amaphoyisa.
↧
↧
News24.com | Kuboshwe abane kulandela ukutholakala kwesidumbu sowesifazane
Kuboshwe amadoda amane ngezinsolo zokubulala owesifazane obeselahleke izinsuku eziyishumi, kusho amaphoyisa aseLimpopo.
↧
News24.com | Wangiphoxa kakhulu uZille ngesenzo sakhe - Maimane
Umholi weDemocratic Alliance (DA), uMmusi Maimane, usezwakalise ukuthi waphoxeka kakhulu ngokuphawula kukaHelen Zille ngohulumeni wengcindezelo.
↧
News24.com | Kulindeleke avele enkantolo osolwa ngetulo lokubulala izikhulu zikhulumeni
Kulindeleke ukuthi avele enkantolo maduzane umlisa osolwa ngokuba ungqondongqondo wetulo lokusocongwa kwezikhulu zikahulumeni ezisolwa ngokuzuza ekulawulweni kombuso.
↧
News24.com | Umzukulu kaMandela ujoyine labo abathi uMengameli Zuma akashenxe
Umuzukulu kulowo owayengumengameli wokuqala wentando yeningi kuleli, uNelson Mandela, uNdileka Mandela, usezwakalise ukuthi uMengameli Jacob Zuma kumele ehle esikhundleni.
↧
↧
News24.com | Uvelile osolwa ngokubulala umama wakhe, wamqoba
Owesilisa uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseMamelodi, ePitoli, ngezinsolo zokubulala umama wakhe oneminyaka engu-72 ubudala, kusho umbiko.
↧
News24.com | UGordhan uncome uRamaphosa, wathi akuphenywe ngokulawulwa kombuso
Lowo obenguNgqongqoshe wezeziMali osanda kuxoshwa, uPravin Gordhan, usezwakalise ukuncoma uSekela Mengameli uCyril Ramaphosa, wathi angaliphatha kahle izwe esikhathini esizayo.
↧
News24.com | ‘Angeke itakulwe ngezimali’ iSABC, okwamanje – uNgqongqoshe wezokuXhumana
UNgqongqoshe wezokuXhumana, u-Ayanda Dlodlo, uthi azikabi khona izinhlelo zokutakula ngemali iSABC nokubikwa ukuthi ihlulekile ukukhokhela ezinye zezikweleti zayo ngoMashi.
↧
News24.com | Owesilisa udubule intombi, wase eyazibulala
Indoda eneminyaka engu-38 ubudala esolwa ngokudubula intombi yayo yayilimaza ngaphambi kokuzibulala eClayville, e-Olifantsfontein, eGauteng.
↧
↧
News24.com | Kutholwe isidumbu sentombazane, 16, emagcekeni ehholo
Amaphoyisa asevule idokodo ngesigameko sokubulawa kwentombazane, 16, etholwe isiyisidumbu kukhula lwasehholo lomphakathi iPercival Ja eGaleshewe.
↧
News24.com | Kuboshwe umshayeli obethwele impahla eningi
Umshayeli weloli waKwaZulu-Natal ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngemuva kokuthi kutholakale iloli yakhe ilayishwe ngokweqile, kusho iRTI.
↧
News24.com | Izinkulungwane zabafundi zimashele uMnyango wezeMfundo e-E Cape
Izinkulungwane zabafundi zimashele emahhovisi oMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape, zikhala ngezikole ezingekho esimweni kanye nokugcwala ngokweqile.
↧