Kushone 5 engozini eKZN
Kushone amadoda ayisihlanu kwathi amathathu alimala ngesikhathi kwenzeka izigameko ezimbili zezingozi emgwaqeni omkhulu uN3 ngaseBergville.
View ArticleUsomabhizinisi uphika elokukhwabanisa
Usomabhizinisi waKwaZulu-Natal uJabulani Mabaso uwaphikile amacala okukhwabanisa ngokuveza amarisidi omkokotelo ngomsebenzi awenzela uMnyango wezeMfundo esifundazweni.
View ArticleIMarikana yaveza indima yamaphoyisa - Mthethwa
Kudingidwe ngendima eyadlalwa amaphoyisa ngesikhathi kuqhubeka umbhikisho wabavukuzi basemayini yaseLonmin, eMarikana.
View ArticleKuzofakwa amakhondomu ezikoleni eKZN
Izikole zaKwaZulu-Natal zibheka izindlela zokusabalalisa amakhondomu ezikoleni nokuthi abafundi bakhuthalele ukuhlolelwa i-HIV/Aids, kusho umbiko.
View ArticleUdilikajele kwababulale iphoyisa
Bagixabezwe ngodilikajele abalisa ababili abasolwa ngokubulala iphoyisa eQwaqwa, ngesikhathi bevele eNkantolo yesiFunda yaseHarrismith, kusho amaphoyisa.
View ArticleIsangoma sishade ingane ena-13
Uhulumeni uthukile ngomshado obe phakathi kwesangoma thizeni saseLimpopo, esishade nengane ekuhlaza cwe, kusho umbiko wabezindaba.
View ArticleI-SARS ingase ishaqe impahla kaMalema
AbakwaSars sebefake amaphepha eNkantolo eNkulu yasePitoli ngenhloso yokuba kushaqwe impahla kalowo owabe engumengemali wophiko lwentsha lwe-ANC uJulius Malema,
View ArticleUguquko ezitifiketini zokuzalwa zezingane
Omama bezingane bangalindela ushintsho ezitifiketini zokuzalwa zabantwana babo, kusukela ngenyanga kaMashi, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya uNaledi Pandor.
View ArticleKushone 2 engozini eThekwini
Kushone amadoda amabili ngesikhathi imoto yawo ishayisa isigxobo sikagesi emgwaqeni omkhulu uN3 ngaseThekwini, kusho abosizo lokuqala.
View ArticleI-DA ifuna ukuba ngobhongoza - ANCYL
Umholi weDemocratic Alliance uHelen Zille uhlasela iphephandaba iNew Age (TNA) ngoba efuna kube yiqembu lakhe elihamba phambili ekukhulumeni kwabezindaba, kusho i-ANCYL.
View ArticleAbazali kwelokubulala usana lwabo
Zingase zibekwe icala lokubulala izithandani kulandela ukugunjwa kwesidumbu sosana lwazo olwalunamasonto amabili luzelwe emzini wazo eDelareyville, kusho amaphoyisa.
View ArticleBazovela enkantolo ngelokubulala eKZN
Amadoda amabili avele eNkantolo yeMantshi yaseMlazi ngezinsolo zokudubula abulale owesilisa elele, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
View ArticleBahlomula-R900m abangani bakaMalema
UMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu eLimpopo, wakhipha amathenda ezindodla, ukhiphela izinkampani zabangani bakaJulius Malema, owaxoshwa yi-ANC.
View ArticleAthethwe yicala amaphoyisa abesolwa ngokudlengula
Liwathethile icala amaphoyisa amabili aseKapa, akade ebhekene necala lokudlwengula owesifzane ekuthiwa wadlwengulelwa ethoyilethe lasesiteshini samaphoyisa.
View ArticleUMalema uzophikisa esokushaqelwa impahla
Lowo owayengumholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema uzophikisa isiphakamiso seSA Revenue Services sokuthi ahlonzwe njengongenamali bese eshaqelwa impahla.
View ArticleKuzosiza amabhasi eMlazi
Sekukhishwe amabhasi ukuba athuthe abagibeli abasale bengenazo izinto zokuhamba eMlazi kulandela imibhikisho ehambisana nodlame nogcine ngokushiswa kwezitimela.
View ArticleIsibhedlela sasiphethwe ngunesi
Uphenyo luveze ukuthi unesi ongenazo iziqu nesipiliyoni sokuphatha wayesebenza njengebamba lemenenja esibhedlela esiseLimpopo lapho kwashona khona izingane ezine.
View ArticleUmndeni unikwe isidumbu ekungesiso esawo
Ithuke kwaphela nasozwaneni indoda yaseKapa, ethe ivula ibhokisi ebikholwa wukuthi linonkosikazi wayo, yanqwamana nomuntu engamazi nakwamadala amajuda.
View ArticleUMadonsela uzophenya ngolukaDhlomo
IHhovisi loMvikeli woMphakathi likuqinisekisile ukuthi lizophenya ngokuthi ngabe waphula umthetho noma cha ungqongqoshe ngesikhathi esebenzisa indiza yezimo eziphuthumayo.
View ArticleUMaharaj nonkosikazi baphika izinsolo
Lowo okhulumela iHhovisi likaMengameli uMac Maharaj nonkosikazi wakhe uZarina baphike balala ngomhlane ukuthi bafumbathiswa ngesikhathi kukhishwa ithenda.
View Article