Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Isoka ligajwe wumona labulala intombi

Ubekhala engakwazi nokukhuluma uNondalo Mvelase, 18, waseMpophomeni ngesikhathi ethola ukuthi isoka likamama wakhe limgwaze lambulala.

View Article


Yenzani engikushoyo, hhayi engikwenzayo - Malema

Lowo owaxoshwa njengomholi we-ANC Youth League uJulius Malema usexwayise abeSA Students' Congress abasanda kuqokelwa ezikhundleni ngempilo yobukhazikhazi.

View Article


Ijaji limdabukele owabulala unina

Ijaji laseThekwini liyidabukele indoda elahlwe yicala lokubulala umama wayo lathi "inkantolo ilalele udaba oludabukisa kakhulu" nokuwudaba lokuhlukunyezwa kwendodana.

View Article

Usephinde wasala futhi uCele

Lowo owayengukhomishana wamaphoyisa uBheki Cele akazange aqokwe yigatsha lakhe laseLamontville, eThekwini ukuthi abe yingxenye yekomidi eliphezulu likazwelonke ku-ANC.

View Article

Kuthiwa ayiphilile ekhanda 'indoda yembazo'

Owabe engumdlali webhola lombhoxo uJoseph Ntshongwana obhekene namacala amaningi ahlanganisa awokubulala nawokudlwengula utshele inkantolo ukuthi "unobuzizizi".

View Article


Zingase ziphume sezinemali iziboshwa ejele

Isiboshwa esiziphethe kahle kungenzeka sithi sidedelwa ejele sibe sesifumbethe isamba esilinganisela ku-R20 000, njengamali ezosisiza siqale kabusha impilo.

View Article

Azobhekana nejele amahlongandlebe - ANC

Amalungu e-ANC aziphathisa okwezigebengu ngesikhathi kunemihlangano afanelwe ukuboshwa agcinwe ejele, kusho inhlangano.

View Article

Kuyethusa ukuphawula kukaNzimande - Sanef

Ukuphawula okwenziwe nguNobhala Jikelele weSACP uBlade Nzimande mayelana nomthetho ozovikela ukudelelwa kukaMengameli uJacob Zuma "kuyamangaza," kusho iSanef.

View Article


UZuma unaso isikweletu somuzi - Umbiko

UMengameli uJacob Zuma unaso isikweletu somuzi wakhe oseNkandla, enhla nesifundazwe iKwaZulu-Natal, kusho iHhovisi likaMengameli ngemuva kwamahemuhemu aphikisa lokhu.

View Article


Abazali kuthiwa baxhaphaza uhlelo lokubasiza

Abazali abathize kutholakale ukuthi baxhaphaza uhlelo lukahulumeni lokubhekelela abazali abahlwempu lokuthi bacishelwe izikweletu zabantwana babo ezikoleni.

View Article

Asivele nje sihoxise amacala - NPA

I-National Prosecuting Authority (NPA) ayivele nje ihoxise amacala abantu singekho isizathu, kusho inhloko eyibamba uNomgcobo Jiba.

View Article

Uthule du uReddy ngayiboleka uZuma

Usomabhizinisi waseThekwini uVivian Reddy ongumngani wokuqina kaMengameli uJacob Zuma, unqabile ukudalula ukuthi malini ayiboleka uZuma kuze ezolungisa eNkandla.

View Article

Ayikho inkinga yamanzi kuleli

INingizimu Afrika ayibhekene nankinga yokushoda kwamanzi njengoba kusakhona okuningi engakwenza ukubhekana nokushoda kwawo, kusho isikhulu esiphezulu kwezamanzi.

View Article


Kubulawe abathathu erenki eWanderers

Abantu abathathu badutshulwe babulawa kwathi ababili balimala, esehlakalweni esenzeke erenki yamatekisi eWanderers, eGoli, kusho amaphoyisa.

View Article

Ababoshwe abadayisa umhlaba - ANC

Kunezinyathelo ezinqala ekumele zithathelwe izikhulu zikahulumeni ezadayisa umhlaba ngokungemthetho zidayisela abantu baseLenasia, kusho i-ANC eGauteng

View Article


I-NFP ne-IFP ithi akube nokuthula

Abaholi beNkatha Freedom Party nabeNational Freedom Party bacele ukuthi kube nokuthula, yize noma bebesolana bodwa ngodlame oluqhubeka KwaMashu, eThekwini.

View Article

Kubulawe obesolwa ngobubhoklolo esikoleni

Kuboshwe umfundi ka-Grade 11 e-East Rand mayelana nokudubula abulale omunye umfundi athi ubemnyuka esikoleni, ngokusho kwamaphoyisa.

View Article


Kuzogwetshwa umbulali kaDewani

Kulindeleke ukuthi kwehliswe isigwebo somunye wababulali besivakashi saseBrithani, u-Anni Dewani, eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, ngemuva kokugojelwa yicala.

View Article

Kuduke owesilisa obebhukuda eRichard's Bay

Kuduke umsebenzi wenkontileka, nokusatshelwa ukuthi ugwilizile eMain Beach eRichard's Bay, kusho abeNational Sea Rescue Institute (NSRI).

View Article

Ulahlwe elokubulala usana lwakhe

Owesifazane waseKapa ulahlwe yicala lokubulala usana lwakhe obelusanda kuzalwa nokufihla ukushona kwalo, kusho umbiko wabezindaba.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>