Usagcwele amathafa umshayeli
Usagcwele izigange namanje umshayeli weloli eshayisane netekisi kwashona abantu abangu-12 eVereeniging, kusho amaphoyisa aseGauteng.
View ArticleZibakhalele abebengafuni ukurenta
Kuboshwe abantu abangu-16 ngezinsolo zokuzama ukuqwaha nebhilidi elisenkabeni yedolobha eGoli nokuthiwa bebengafuni ukurenta, kusho amaphoyisa aseGauteng.
View Article'Uhlelo lwezemfundo lusenkingeni kuleli'
Impela kusinda kwehlela ngohlelo lwezemfundo kuleli lizwe, kusho inhlangano i-FW de Klerk Foundation, ibalula nokunye okumise kabi izwe nethi kudinga ukunakwa.
View ArticleUmfundi ubelethele esikoleni
Intombazane ebifihla kothisha ukuthi izithwele igcine isiphelelwe amahlathi ngesikhathi isikwa kwaze kwadingeka ukuthi ibelethele esikoleni ePort Shepstone.
View ArticleKudlwengulwe kwabulawa isalukazi ePMB
Owesilisa, 62, waKwaDambuza ngase-Edendale ubengakwazi ngisho ukubona ukuthi isidumbu sesithandwa sakhe esilele phansi, njengoba esizwe ukubona umlenze nengalo.
View ArticleKwesatshelwa udlame lwezepolitiki eKZN
UNgqongqoshe woMnyango wezokuPhepha nokuXhumana KwaZulu-Natal uWillies Mchunu, uhambise umbiko ngodlame lwezombusazwe oluqhubeka esifundazweni.
View ArticleUmndeni ukhala ngesibhedlela 'esibathusile'
Umndeni utshelwe ukuthi uZanele, 26, useshonile ngemuva kokungeniswa esibhedlela ngosuku lwangayizolo, wabe usuqala ukwenza amalungiselelo okumfihla.
View ArticleUguquko ku-NYDA
Alivelanga igama likaSihlalo weNational Youth Development Agency u-Andile Lungisa, kanjalo nelikaJulius Malema emagameni alabo abaphakanyiselwe ibhodi entsha.
View ArticleAmaphoyisa awayivume induku - Pagad
Imizamo yokuthelelana amanzi ayisebenzi ngakho abantu bakuleli kumele babe yimbumba balwele nale nkinga yezidakamizwa njengoba amaphoyisa ehluleka.
View ArticleNoZuma kumele axolise - IFP
I-IFP ithi akungaxolisi kuphela uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo u-Angie Motshega kodwa noMengameli Jacob Zuma kumele atshengise ukuzisola.
View ArticleKufunwa abavukizi abanyamalele
Kuyaqhubeka ukuthungathwa kwabavukuzi abangekho emthethweni, ekukholakala ukuthi badutshulwa eSand River, eThabong, kusho amaphoyisa aseFree State.
View ArticleIzizumbulu kulungiswa iNkandla
Uhulumeni uphezu kwezinhlelo zokusebenzisa isizumbulu esingu-R2-billion, ukulungisa idolobha ekudabuka kulo uMengameli uJacob Zuma, kusho imibiko.
View ArticleIxoxa indaba ifoni ka'Sunday Rapist'
Babesebenza endaweni ekwashonela kuyo intombazane omakhalekhukhwini bomsolwa emacaleni okubulala nokudlwengula uJohannes Jacobus Steyn.
View ArticleKuzophenywa ngoFeldman weCope
Sekujutshwe ikomidi eliyisipesheli ukuthi liphenye ilungu leCope uDirk Feldman, mayelana nezinsolo ezithi akaziphathanga ngendlela ngesikhathi esebhanoyini.
View ArticleBasenkantolo abasolwa ngokubulala eKZN
Kuboshwe amadoda amabili, aneminyaka engu-28 no-43 ubudala, aboshwe mayelana nokubulawa komlimi ngaseVryheid, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
View ArticleAngizange ngimkhokhele uJulius - Mbalula
UNgqongqoshe wezemiDlalo kuleli uFikile Mbalula uphike walala ngomhlane ukuthi uyena okhokhe izindleko zokuvakasha kukaJulius Malema njengoba eseLondon.
View ArticleUbesenkantolo osolwa kwelesalukazi, 94
Owesilisa osolwa ngokudlwengula isalukazi, 94, uvele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseNew Hanover ngecala lokudlwengula, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
View ArticleLihlehlile elika'Sunday Rapist'
Lizobuyela enkantolo mhlaka-20 Agasti icala likaJohannes Jacobus Steyn, osolwa ngamacala amaningi ahlanganisa awokudlwengula nokubulala amantombazane esikole.
View ArticleIphathwe kambi yingozi imeya
IMeya yesifunda i-Dr Kenneth Kaunda, eNorth West, idlulise amazwi enduduzo emindenini yabantu abangu-12 abashone esehlakalweni sengozi eyenzeke eVereeniging.
View ArticleBayahlukumezeka abesifazane nezingane - Mokonyane
Abantu besifazane kanjalo nezingane yibo abahlukumezeka kakhulu uma amaqembu ezombusazwe eqophisana eba nezimpi zombango, kusho uNdunankulu wesifundazwe eGauteng.
View Article