Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Ihlasele amakhaya intsha eKapa

Ilinganiselwa ku-50 intsha yeqembu lezigebengu ebihlome ngemishiza nemibese kanye nezagila egasele eKhayelitsha, eKapa, ihamba ingena umuzi nomuzi ifuna ilungu leqembu lezigebengu eliyizimbangi zayo,

View Article


"Akube nozinzo emazweni e-SADC"

Uzinzo kanye nentando yeningi yizona zinto ezibalulekile ekutheni kube nenqubekela phambili emazweni angaphansi kweSouthern African Development Community.

View Article


Uzoba ngumengameli uMotlanthe - Lamola

Iphini likaMengameli uKgalema Motlanthe nakanjani uzokuba ngumengameli we-African National Congress, kusho iphini lomholi wophiko lwentsha uRonald Lamola.

View Article

Wathi bamtshonthele imali yelobolo

Indoda yasePhuthaditjhaba ibhekene necala lokukhohlisa abomthetho, kulandela ukuthi iqambe amanga ithi yebelwe imali yelobolo engu-R20 000, kusho amaphoyisa aseFree State.

View Article

Ibhokile inkohlakalo eTshwane

IDemocratic Alliance ithi inkohlakalo ebhokile eqhubeka kuMasipala waseTshwane, yiyo ekhubaza ukuhanjiswa kwentuthuko, kusho umbiko.

View Article


Nezixhwanguxhwangu nazo ngeze-ANC - Lamola

Intsha engokhanda limtshelokwakhe neyizixhwanguxhwangu nayo ingeye-African National Congress, kusho iphini lomholi wophiko lwentsha uRonald Lamola.

View Article

Wabulawa ngesihluku umfana - Umndeni

Umfana waseSoweto owadutshulwa yiphoyisa elisafunda, wadutshulwa ngezinhlamvu eziyisikhombisa, kutshelwa iNkantolo eNkulu yaseNingizimu yeGauteng.

View Article

UDilikajele kowabulala ezimobeni

Inkantolo eNkulu KwaZulu-Natal imnikeze udilikajele umlisa otholakale enecala lokubulala nokubamba inkunzi elimaza kanzima izisuluzakhe, kusho umbiko wamaphoyisa.

View Article


Isibhicongo ku-N3 eHammarsdale

Abantu abangu-12 balimalile ngesikhathi kwehla isibhicongo sengozi yomgwaqo ehlanganisa izimoto eziyisikhombisa, emgwaqeni ongu-N3, eHammarsdale.

View Article


Awakhishwe ngendlela amathenda - Umvikeli

UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela unxuse ukuba izinkontileka zabezokwakha zinikwe izinkampane ezifanele ukuze kuzokongiwa imali yoMbuso.

View Article

Uyelulama umvukuzi obevalelekile

Uyaphila futhi uyelulama esibhedlela umvikuzi owelwe ngamadwala wavaleleka usuku lonke ngaphansi kwawo emayini iHarmony Gold Kusasalethu, eseCarletonville.

View Article

Akubuyekezwe isinqumo - Motsoaledi

UNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo usenxuse ukuba kubuyekezwe isinqumo seKhomishana yezokuNcintisana bese kuvunyelwa abama-medical scheme ukuba babonisane ngamanani.

View Article

uNadine Gordimer ugxeke ezemfundo

Owazuza indondo ye-Nobel literature ugxeke ezemfundo eNingizimu Afrika mayelana nokuhluleka kukahulumeni ukuhlinzeka ngezincwadi zokufunda izikoleni.

View Article


Kuzoncishiswa izikole eKZN

Umnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uhlongoza ukuqeda izikole ezihlanganisa abafundi abasemabangeni aphansi nalabo abasemabangeni aphakeme.

View Article

Kumbhedele obezama ukudlwengula

Ibhungu ebelisolwa ngokuzama ukudlwengula intombazane likhandwe ngamatshe laze lafa endaweni ekuthiwa kuseLethabile eNorth West, kusho imibiko yamaphoyisa.

View Article


Ngizobuya uma kuphuma uZuma - Malema

Umholi we-African National Congress Youth League owaxoshwa uJulius Malema uthe isinqumo sokuxoshwa kwakhe siyoguqulwa uma sekukhishwe uMengameli uJacob Zuma.

View Article

Lihoxile icala likaKholwane we-ANC

Lihoxisiwe icala lokudlwengula ebelibhekene nelungu lePhalamende eqenjini le-African National Congress uSikhumbuzo Eric Kholwane, obevele enkantolo.

View Article


Omunye ufakazi kwelikaMokoka

Intombazane yaseSoweto yathembisa uThato Mokoka esebulewe ukuthi ubulungiswa buzokwenzeka futhi ababulali bazobhekana nengalo yomthetho, kusho ubufakazi enkantolo.

View Article

Kufunwa iphoyisa mbumbulu

Amaphoyisa afuna umlisa ozibiza ngoMusa Khumalo, odabuka eZimbabwe, obehamba eqamba amanga iNingizimu Afrika yonke ethi uyisikhulu samaphoyisa.

View Article

Uyahlekisa uLekota - ANC

Kuyahlekisa ukwenza komholi weCongress of the People uMosiuoa Lekota, ukuthi agijimele enkantolo ayozama ukuphikisa ukumiswa kwakhe ePhalamende.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>