UJub Jub uzobuyela enkantolo
Umculi uMolemo Maarohanye, nowalahlwa yicala lokubulala, kulindeleke aphikise isinqumo esathathwa yinkantolo yaseSoweto nesithi ahlale esitokisini kuze kube uyagwetshwa.
View ArticleIphoyisa liqothe imbokodo nesisekelo
Iphoyisa laseSomerset West lenze isimanga ngesikhathi lilalisa iyaca emalungeni omndeni amathathu lase liyazingqokloza nalo ngesibhamu ngempelasonto.
View ArticleUphele kabi umhlangano we-ANC e-E Cape
Umhlangano wegatsha le-ANC e-Eastern Cape uphele kabi sekujikijelwana ngezihlalo kwaze kwalimala abantu, kusho umbiko wabezindaba.
View ArticleKwethulwe iqembu elisha lezombusazwe
Sekwethulwe ngokusemthethweni iqembu elisha lezombusazwe iSA National Congress, ekuthiwa isungulwe ngabangahambisani nokuthi uMengameli uJacob Zuma aqhubeke nesikhundla.
View ArticleUkuzala ukuzelula - Ogwaziwe
Ubonga indodana yakhe eneminyaka engu-12 ubudala ubaba waselokishini laKwaDwesi, ogwazwe amanxeba ayisishiyagalolunye ngumuntu ongaziwa.
View ArticleSekubhekwe usuku lokhetho eKZN
Konke sekumi ngomumo mayelana nokhetho lokuchibiyela oluzobanjwa KwaZulu-Natal kulandela ukushona kwamakhansela e-African National Congress.
View ArticleBalala esikoleni abafuna ukuphasa
Abafundi abazimisele ngokuthi baphumelele umatikuletsheni wabo bathi sebencamela ukuhlala ngaphakathi esikoleni, emini amagumbi bafundele kuwo kuthi ebusuku abe amagumbi okulala.
View ArticleUMbuso uphikisa ibheyili kolwaseGriquatown
UMbuso usufake isicelo sokuphikisa ukunikezelwa ngebheyili ka-R5 000 kumsolwa, 16, nosolwa ngokubulala umndeni waseGriquatown ngasekuqaleni konyaka, kusho umbiko.
View ArticleKuvamile ukudlwengula emindenini - Umbiko
Isikhungo esisiza abadlwenguliwe iHelp centre Rape Crisis sithe akusiyo into engajwayelekile ukuba kudlwengulwe amalungu amabili emndenini owodwa eNingizimi Afrika.
View ArticleUbulale intombi kuxatshanwa
Amaphoyisa aseMthatha e-Eastern Cape, athi owesifazane oneminyaka engu-27 ubudala udutshulwe wabulawa yisoka lakhe, ngaphambi kokuthi nalo lizingqokloze ngesibhamu.
View ArticleISilo sizokwenza umcimbi wokuqeda udlame
ISilo samaBandla iNkosi Goodwill Zwelithini uhlele umcimbi wesintu wokuzama ukugwema udlame lwezombusazwe oluqhubeka KwaZulu-Natal, kusho umbiko.
View ArticleKubulawe isalukazi e-PE
Owesifazane oneminyaka engu-93 ubudala, utholakale ebulewe efulethini lakhe elisePort Elizabeth, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
View ArticleLehlile isasasa ngoZuma entsheni
Kwehle ngendlela engakaze yabonakala ukwesekwa kukaMengameli Jacob Zuma ebantwini bakuleli, kusho umbiko, njengoba kuthiwa kumi ku-32%.
View ArticleKushone 3 engozini eN Cape
Kushone abantu abathathu ngesikhathi imoto abebehamba ngayo ilala amankeyane eKimberley, eNorthern Cape, kusho abezimo eziphuthumayo.
View ArticleOna-14 uklinye wabulala omunye
Intombazane eneminyaka engu-14 ubudala ishonile ngemuva kokuklinywa ngenye ingane, eKagiso, e-East Rand, kusho amaphoyisa aseGauteng.
View ArticleLivelile iphoyisa elizama ukweqisa iziboshwa
Livelile ngaphambi kweNkantolo yeMantshi eGoli, iphoyisa elisolwa ngokuba nesandla esahlakalweni sokuqhuma okwenzeka elolini elalithwele iziboshwa ezazama ukweqa.
View ArticleKushone oyedwa esibhicongweni saseKapa
Kushone umuntu oyedwa ngenxa yokulimala ngesikhathi kuwa isikafula ekhonsathini kulandela ukuhlasela komoya omkhulu eCape Town Stadium, kusho idolobha.
View ArticleIngozi idlule nababili eKZN
Kushone abantu ababili ngemuva kwengozi ebe phakathi kweloli nemoto encane emgwaqeni uN2 ngaseTugela Bridge, ogwini olusenyakatho neKwaZulu-Natal.
View ArticleKushone umfana engozini eNelspruit
Kushone umfanyana, 4, kwathi abantu ababili balimala ngesikhathi kushayisana izimoto eNelspruit, kusho abezimo eziphuthumayo.
View ArticleKugxekwe owe-DA eKZN ngokungayi eNkandla
Usekhonjwa ngenjumbane umholi we-DA KwaZulu-Natal uSizwe Mchunu ngokungabi yingxenye yalabo ababeye kohlola umuzi kaMengameli Jacob Zuma eNkandla.
View Article