Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Kuboshwe iphoyisa ngokuzama ukweqisa iziboshwa

Iphoyisa lesifazane lasePitoli liboshiwe ngezinsolo zokuzama ukusiza abaphangi ababili ukuba beqe esitokisini samaphoyosa, kusho umbiko wakamuva.

View Article


Zidla lubi izigelekeqe ezikoleni zaseKapa

Izingane zaseHanover Park, eKapa, zinokwesabela ukuthi zingase zichaphazeleke njengoba kuqhubeka udlame lwabamaqembu ezigelekeqe, kusho umbiko.

View Article


Kuthunjwe, kwadlwengulwa owesifazane eThekwini

Owesifazane oneminyaka engu-25 ubudala usesale evevezela ngemuva kokuthunjwa eBluff, eThekwini, wadlengulwa waphucwa nemoto ngesikhathi eyofaka uphethiloli egalaji.

View Article

Uthi uyazisola odlwengule isalukazi eKZN

Owesilisa uzivumele ngokwakhe ukuthi udlwengule isaluka, 82, nesingumakhelwane wakhe eNew Hanover, KwaZulu-Natal, wase edlulisa ukuzisola kwakhe.

View Article

I-ANC iphika eyokubandlulula uCele

Ilungu eliqavile le-ANC, uBheki Cele, akazange ashaywe indiva noma anqatshelwe ukungena ezinhlakeni zeqembu esifundeni saseThekwini njengoba kubhekwe eMangaung.

View Article


Azinahlonze izibalo zakuleli - Umbiko

Izifundo zesayensi nezibalo zakuleli azishayi khona njengoba iNingizimu Afrika ibe semsileni emazweni angu-62 enhlolovweni yeWorld Economic Forum.

View Article

UDe Klerk ugxeka imigomo ye-ANC

Umengameli wokugcina wesikhathi sobandlululo kuleli uFW de Klerk usesole iqembu elibusayo i-ANC ngezinkinga ezibhekene nezwe, nokubalwa umnotho nentuthuko.

View Article

Kusetshenziswe usisi olukhalisa unyembezi emayini

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asebenzise usisi olukhalisa unyembezi ukuzama ukuhlakaza abavukuzi esitelekeni esisemayini iForbes & Manhattan Coalm, eDundee.

View Article


Asikho isidingo sezidubedube - Zuma

UMengameli Jacob Zuma uphinde wanxusa abavukuzi abasezitelekeni ukuba babuyele emsebenzini ngokushesha, kulandela ukubikwa kodlame kwezinye izimayini.

View Article


Kungamanga ukwanda kwegebe kwezomnotho - Zuma

Izinkulumo nokushicilelwa kwemibiko ethi liyaqhubeka nokwanda igebe phakathi kwabadla imbuya ngothi nabacaphuna kusale ziyimfundisoze, kusho uMengameli Jacob Zuma.

View Article

Usenkantolo osolwa ngolwekhansela le-IFP

Usomatekisi osolwa ngokuthumba nokubulala ikhansela leNkatha Freedom Party uThemba Xulu uzovela eNkantolo yesiFunda yaseThekwini ngaleli cala.

View Article

Avelile amabhungu ngelokubulala

Avele eNkantolo yeMantshi yaseMossel Bay amabhungu aseWestern Cape asolwa ngokubulala umfundi, kusho iNational Prosecuting Authority (NPA).

View Article

Kubulawe amadoda amabili eWartburg

Umphakathi waseWartburg uthuka izanya kulandela ukubulawa kwamadoda amabili asendaweni yizigelekeqe ezingaziwa bezihambela.

View Article


UNzimande uthi abezindaba banokwenzelela

Umholi weSACP uBlade Nzimande usesole abezindaba bakuleli ngokulokhu beqhubeka njalo nokubika ngokumelana nombimbi olunxantathu kanjalo nohulumeni wesikhathi.

View Article

Kuboshwe 2 ngokuphanga eKZN

Zibakhalele abesilisa ababili baKwaZulu-Natal ngohide lwezigameko zokuphanga eMhlali naseBallito, enyakatho neTheku, kusho amaphoyisa.

View Article


Sengizoziphatha kahle manje - Malema

Umholi we-ANC Youth League owaxoshwa uJulius Malema ubeyingxenye yokusayinwa kwesivumelwano ngaphandle kwenkantolo mayelana neculo elithi "Dubula iBhunu".

View Article

Umbulali ukwazile ukuguqula isigwebo

Isigwebo sikadilikajele kowesilisa owatholakala enecala lokushaya abulale unesi osekhulile eCenturion ngo-2003 ukwazile ukulwela ukuhlehliswa kwesigwebo sakhe.

View Article


Masizixazulule ngendlela yethu izinkinga - Zuma

UMengameli Jacob Zuma utshele abaholi bomdabu ukuthi baxazulule izinkinga ngendlela yesintu ngoba ama-Afrika anendlela okwenza lokho ngezikhungo zezomdabu.

View Article

Ubaba ufuna ukuthwala ngami - Indodana

Waqale wacabanga ukuthi kungamancoko ukuthi ubaba wakhe ufuna ukumshumpula ikhanda, kodwa uMzamile Xhelinkomo uthi konke kwacaca ngesikhathi eboniswa ngalokhu.

View Article

Lizoqhubeka elikaMpisane

INkantolo yesiFunda yaseThekwini isihoxisile isicelo soMbuso sokuthi kuhlehliswe icala likasomabhizinisi waseThekwini uShauwn Mpisane.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>