Kumapeketwane kumbimbi olungunxantathu
Iqembu elibusayo i-ANC, lidala uqhekeko kubasebenzi, kusho uNobhala Jikelele womfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi nomisiwe emsebenzini, uZwelinzima Vavi.
View ArticleUyaziqhathulula osolwa ngelokubulala
Owesifazane osolwa ngokubulala umyeni wakhe, 60, okuthiwa wayezikhonzele utshwala, utshele inkantolo ukuthi umyeni wabulawa ngabathumbi bakhe.
View ArticleI-DA ibabaza amanga e-ANC
I-DA isibize isithangami sabezindaba esibizwe yi-ANC “njengamanga ashayisa ngamahloni” emizamweni yokuvikela uMengameli Jacob Zuma.
View ArticleOkusha ngozame ukuphoqelela ingane ocansini
Usejele owesifazane ongumasitende waseSoweto osolwa ngokuzama ukuphoqa ingane eneminyaka engu-13 ubudala, ukuthi iye ocansini nesoka lakhe.
View ArticleUmgwaqo waseNkandla ubize u-R290m
Ilinganiselwa ku-R290m imali yabakhokhi bentela eyasetshenziselwa ukwakha umgwaqo ohlanganisa indawo yangakaMengameli uJacob Zuma eNkandla nedolobha elingumakhelwane.
View ArticleSebesebenzisa u-curry powder uma babamba inkunzi
Sekunomkhuba omusha osetshenziswa yizigilamkhuba uma zibamba inkunzi, seziqale ukusebenzisa isikhali esingajwayelekile kodwa esiwenza ngendlela "umsebenzi".
View ArticleAkusheshiswe uphenyo lwasoThongathi - Amaqembu
Konke kulele eMnyangweni wezabaSebenzi ngokuphenywa kwenkampani eyakha inxanxathela yezitolo oThongathi, la kwashona khona ababili kuwa isakhiwo.
View ArticleKwakukhona nasebekhulile eHarry Gwala
Kwakubizwe abantu abaningi ababengenakho lokho okwakudingeka kuze bezothola ukuqashwa emsebenzini wamaphoyisa omgwaqo KwaZulu-Natal, kusho ubufakazi.
View ArticleUBethuel Zuma uzikhulumele enkantolo
UMajor General Bethuel Zuma utshele inkantolo ukuthi ngesikhathi emiswa amaphoyisa ogwaqo kunezivimbagwaqo ngoDisemba 2008 wayecabanga ukuthi akuwona amaphoyisa angempela.
View ArticleUmshayeli wengozi unamanye amacala
Umshayeli wetekisi othweswe icala lokubulala ngokungenhloso engozini okwashona kuyona abantu abangu-15, watholwa enecala lokudlwengula kanye nelokwephula imithetho yomgwaqo.
View ArticleUshubisa izinto uNtsebeza - Marikana
Abazange bawahlasele amaphoyisa abavukuzi ababesesitelekeni emayini yaseMarikana, kusho umbiko okhishwe ngaphambi kweKhomishana kaFarlam.
View ArticleAzange ngiwuputshuze umbiko - Madonsela
UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela useziphendulele ngezinsolo ezithi waputshuzela abezindaba umbiko wophenyo ngeNkandla.
View ArticleKulimale abangu-38 ezingozini eThekwini
Kulimale abantu abangu-38 ezehlakalweni zezingozi ezahlukene ezihlanganisa amatekesi, eThekwini, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.
View ArticleLithethwe yicala ikhansela le-NFP
Liphume lihleka enkantolo ikhansela leNational Freedom Party kanye nendodana yalo, abakade bebhekene necala lokubulala ilungu leNkatha Freedom Party.
View ArticleLixoshiwe ikhansela ebelicwasa
UMkhandlu waseKapa usunqume ukulifaka amasondo ikhansela le-DA uJunade Hoosain kulandela isigameko sokucwasa ngokwebala, kusho iqembu.
View ArticleUzophuma ngoJanuwari oweNkandla
UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela uyichithile imibiko ethi umbiko wakhe ngeNkandla uzodedelwa ngoMashi ngethemba lokuguqula abantu imiqondo ngokhetho.
View ArticleKwenyuke elokuthengwa kwamakhondomu
Abasebenzi emakhemisi asePlattenburg Bay bathi likhule kakhulu izinga lokuthengwa kwamakhondomu kanjalo namaphilisi abizwa ngama-morning-after pills.
View ArticleIyacwasa imithetho ngotshwala - ANC
Iqembu i-African National Congress selikhulume lagxeka iziphakamiso ngomthetho ngezikhathi zokudayiswa kotshwala eKapa, lathi zinokucwasa phakathi.
View ArticleIbhanoyi libulale ababili eKZN
Kushone abantu ababili ngesikhathi kuphahlazeka indiza encane emasimini omoba eRichmond, ngaseMgungundlovu, kusho abezimo eziphuthumayo.
View ArticleZibakhalele abebephanga eGoli
Kuboshwe abalisa ababili edolobheni laseGoli ngokubamba inkunzi umfana oneminyaka engu-17 ubudala, kusho amaphoyisa aseGauteng.
View Article