Kukhishwe izibalo zobugebengu
Amacala okudlwengula ehle ngo-0.4% ngonyakamali ka-2012/2013, kusho uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMinister Nathi Mthethwa ngesikhathi ethula izibalo eGoli.
View ArticleUyahluleka uhulumeni kweyobugebengu - ISS
Ukukhula kwezibalo zobugebengu obunodlame kuleli laseNingizimu Afrika, kukhomba ukuthi ayisebenzi indlela uhulumeni enza ngayo ekuzameni ukulwa nobugebengu.
View ArticleULamola ugxeke abethimba le-ANCYL
Ithimba i-ANC Youth League National Task Team (NTT), seliphume laphela emgqeni, kusho owabe eyiphini likamengameli wophiko lwentsha i-ANCYL, uRonald Lamola.
View ArticleKuboshwe isangoma ngelokudlwengula
Amaphoyisa ase-Eastern Cape athi sikhalelwe ngamasongo kaSigonyela isangoma esisolwa ngecala lokudlwengula intombazane.
View ArticleBaningi abasebenzi ababuyiswe esandleni - Ndebele
Bayizinkulungwabne abasebenzi boMnyango wezamaJele asebehlumeleliswe izimilo zabo esikhathini esiyiminyaka emithathu edlule.
View ArticleI-ANC ilahlekelwe abalandeli - Umbiko
Iqembu elibusayo i-African National Congress, lilahlekelwe ngabalandeli emawadini amahlanu esifundazweni eNorth West, kusukela ngonyaka ka-2011.
View ArticleIsiphepho sicekele phansi izibhedlela
Isiphepho esinamandla siphephule uphahla lwezibhedlela ezintathu e-Eastern Cape kwaphazamiseka ukusebenza, kusho uMnyango wezeMpilo esifundazweni.
View ArticleUboshiwe uthisha wensangu
Uthelekelwe ngezakadalawane waboshwa uthisha waseWitbank ngokutholakala nomthunzi wezinkukhu, kusho amaphoyisa aseMpumalanga.
View ArticleIsiphepho sibulale oyedwa e-E Cape
Kushone umuntu oyedwa kwathi abayisishiyagalolunye balimala ngesikhathi kubhidlika izindlu zabo ngenxa yesiphepho esihlasele eQueenstown.
View ArticleKushone 7 engozini yomgwaqo
Kushone abantu abayisikhombisa ngemuva kokushayisana kwetekisi nenye imoto emgwaqeni uN12, eWarrenton, eNorthern Cape, kusho abezimo eziphuthumayo.
View ArticleUmfundi ubhumbe uthisha ngomshanelo
Ungafunga uthi yifilimu indlela ekwenzeka ngayo ngesikhath umfundi ehlasela uthisha phakathi emagcekeni esikole, kubukela abanye abafundi.
View ArticleAbulawuleki ubugebengu - Izinhlangano
Ukukhula kwezehlakalo zobugebengu zikubeka obala ukuthi abulawuleki ubugebengu kuleli, kusho abenhlangano iNicro.
View ArticleLidedeliwe iphoyisa eliboshwe ngephutha
Ligaxwe ozankosi iphoyisa lomgwaqo ebelingekho emsebenzini eLenasia ngemuva kokwenzeka kwephutha lokuthi imoto yalo ifaniswe neyezigelekeqe.
View ArticleAkupheli ukukhuluma e-ANN7
Owabe engumhleli esitsehini sikamabonakude, i-ANN7, uzoshicilela incwadi adalule konke okwenzeke esikhathini esiyizinyanga ezintathu esebenzela lesi siteshi.
View ArticleUmphakathi awungeni kwezezikhulu - Umbiko
Ukuthi izingane zamalungu eKhabhinethi zifunda kuziphi izikole akudokwe ligayelwe umphakathi, kusho uhulumeni.
View ArticleUmisiwe umfundi oshaye uthisha
Kumiswe umfundi owenza uGrade 8 esikoleni iGlenvista High School eGoli ngemuva kwezinsolo zokuthi ushaye uthisha, kulandela ukuphuma kwe-video.
View ArticleICosatu igxeke isiphakamiso sikaVavi
ICosatu ithi uyaphambuka uNobhala Jikelele uZwelinzima Vavi uma ethi akumele abaholi bayo babe sekomidini eliphezulu likazwelonke ku-ANC.
View ArticleAbadala bakuleli batusa amakhondomu
Uma ubona abantu abadala beqoqa amakhondomu, ungalinge ucabange imikhuba yocansi nenkohlakalo, izaguga seziqala ukusebenzisa amakhondomu ukulapha izinhlungu.
View ArticleI-SAHRC iphenya ngomfundi obenyukwa
Icala lokuhlukunyezwa komfundi, 16, esikoleni nelibonakala njengokwephula ilungelo lakhe balibheke ngabomvu abeSA Human Rights Commission (SAHRC).
View ArticleKuboshwe owesilisa ngelokubulala
Kuboshwe owesilisa ngecala lokubulala izalukazi ezimbili eLenasia, kusho amaphoyisa aseGauteng, kulandela ukushaqeka komphakathi ngokutholakala kwalezi zidumbu.
View Article