Uvelile usonhlalakahle kwelezithombe
Kuvele usonhlalakahle kahulumeni eNkantolo yesiFunda yaseBloemfontein ngamacala ahlobene nokusatshalaliswa kwezithombe zezingane ezinqunu.
View ArticleSiyaqhubeka isiteleka seSatdu eKZN
Abafundi bakamatikuletsheni KwaZulu-Natal bazobhala iphepha le-Life Orientation, kodwa isiteleka sothisha beSadtu siyaqhubeka.
View ArticleBathi akushushiswe isisulu - Umbiko
Isisulu sengozi uThomas Ferreira kumele ashushiswe ngokushayela budedengu, hhayi umshayeli wemoto eyabandakanyeka, kutshelwe inkantolo kuleli sonto, ngokusho kombiko.
View ArticleLeli lizwe lishoda ngobuholi - Ramphele
INingizumu Afrika ishoda ngobuholi obuwenza ngendlela umsebenzi futhi obuqotho, kusho umholi we-Agang SA uMamphela Ramphele.
View ArticleKuthungathwa ogwaze abantu eKagiso
Amaphoyisa aseGauteng athungatha umlisa usolwa ngokugwaza abulale umfana, 14, waphinde walimaza abanye abathathu, kusho umbiko.
View ArticleKutholwe umama nendodana beshonile
Umama nendodana yakhe esikhulile batholwe belenga ekhaya labo elise-Illovo Beach ngoMsombuluko betholwa ngumfundisi wabo esehlakalweni okusolakala ukuthi esokuzibulala.
View ArticleI-DA igxeke umlilo owenzeke eLuthuli House
IDemocratic Alliance igxeke isenzo sokuhlaselwa kwamahhovisi e-ANC ngomlilo oqubuke ekomkhulu layo eGoli.
View ArticleUyakhala owashadiswa engazi
Uthi akasazi uzophuma abhekephi owesifazane waseThekwini ozama ukuhlukanisa "nomyeni wakhe" wokuqala - nokungowesilisa odabuka ePakistan.
View ArticleUmlilo ucekele phansi imijondolo eDiepsloot
Imindeni engu-25 isale dengwane ngemuva kokusha kungqongqe imijondolo yayo eDiepsloot, kusho okhulumela ithimba lezinhlekelele eGoli.
View ArticleUmfundisi uyaliphika elokubulala
Owesilisa waseMpumalanga, nozibiza ngomfundisi, uphike walala ngomhlane eNkantolo yeMantshi yaseNelspruit ukuthi unecala lokubulala.
View ArticleAbe-UCDP sebeqembukele ku-ANC
Amalungu ayisithupha e-United Christian Democratic Party abengenele ukhetho lokuchibiyela eTlokwe asejoyine i-ANC, kusho okhulumela iqembu uKenny Morolong.
View ArticleKuboshwe obehamba ngo-205km/h
Owesifazane ubanjwe ehamba ngesivinini sika-205km/h ku-N2 eFairbreeze, ngaseGingindlovu, kusho uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal.
View ArticleIzakhamuzi zimbe 'umgwaqo wokufa'
Izakhamuzi ebezidinwe ziwotha ubomvu eMdantsane, e-Eastern Cape zigumbe umgwaqo ngemuva kokuthi ingane ishayiswe yimoto yashona, kusho umbiko.
View ArticleUzonxeshezelwa owakhulunywa kabi kuFacebook
Owesifazane nomyeni wakhe bayalelwe yinkantolo ukuba bakhokhele owayengunkosikazi wale ndoda u-R40 000 ngokumkhuluma kabi enkundleni yezokuxhumana uFacebook.
View ArticleBavelile abasolwa ngohlukumeza ingane
Umfana oneminyaka emithathu ubudala, washaywa ngempama, isibheka kanye nangepulangwe ngaphambi kokuba ashokhwe ngogesi – esehlakalweni okusolwa kuso abazali bakhe.
View ArticleLizovela iphoyisa ngelokudlwengula
Iphoyisa elisolwa ngokudlwengula ingane kulindeleke ukuba livele eNkantolo yeMantshi yaseMitchells Plain, kusho i-Independent Police Investigative Directorate.
View ArticleI-SAHRC ilahla ijele ngecala
UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo awuzange ubhekane kahle nezikhalazo zeziboshwa ejele laseGroenpunt, nokwaholela emibhikishweni kuleliya jele kulo nyaka.
View ArticleKuboshwe owesilisa ngelokudlwengula
Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela owesilisa, 21, osolwa ngokudlwengula ingane yentombazane, 4, eMqanduli, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.
View ArticleZibakhalele ababambe imoto yemali
Kuboshwe amadoda amabili ngesikhathi kuqhubeka isigameko sokubanjwa inkunzi imoto yemali eKapa, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.
View ArticleIKhabhinethi ligxeke udlame
IKhabhinethi selinxuse ababhikishi ukuba beyeke udlame uma bebhikisha, lokhu kulandela izigameko eziningi eziphelezelwa wudlame.
View Article