Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live

I-ANC eN West ngeke isihambele esaseMarikana

I-African National Congress eNorth West kanye nenyunyana i-NUM ngeke babe yingxenye yesikhumbuzo sokukhumbula abantu abangu-44 ababulawa eMarikana nyakenye.

View Article


Kushone owesilisa engozini eKZN

Kushone owesilisa kwathi abathathu balimala ngesikhathi imoto abebehamba ngayo ishayisa isihlahla ePhoenix, enyakatho neTheku, kusho abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal.

View Article


Kushiswe umuzi wekhansela eDuduza

Kushiswe umuzi wekhansela le-African National Congress eDuduza, ngaseNigel, e-East Rand, kusho uMasipala waseKurhuleni.

View Article

Luza luyanyelela usuku lukaPistorius

Umsubathi okhubazekile u-Oscar Pistorius uzobuyela enkantolo la kulindeleke khona ukuthi anqunyelwe usuku lwecala lokubulala intombi yakhe engunobuhle uReeva Steenkamp.

View Article

Kushone ingane ngemuva kokusokwa esibhedlela

“Babulale umntanami.” Lawa ngamazwi abuhlungu abephimiswa ngubaba waseGermiston, ngemuva kokuthi kucoshwe iishini ebiphefumulisa indodana yakhe.

View Article


UChabane unxuse uzinzo eMarikana

UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uCollins Chabane usecele ukuba kube nozinzo, ukubuyisana nobumbano uma sekuqhubeka isikhumbuzo sesibhicongo saseMarikana.

View Article

ICosatu idinga ukushayiswa ngomoya - ANC

ICosatu kumele ishayiswe ngomoya inikezwe ithuba lokubhekana nezinkinga zalo mfelandawonye, kusho i-ANC, kulandela ukuthi uZwelinzima Vavi enikezwe umhlabakhefu.

View Article

Kuvezwe imali uZuma aya ngayo eholidini

Ukuvakashela esiqhingini saseMozambique kukaMengameli Jacob Zuma kanjalo neSekela lakhe uKgalema Motlanthe, eSeychelles, kudle abakhokhintela imali engu-R2.6 million.

View Article


Kuboshwe umsolwa ngokufa kwekhansela le-ANC

Ugaxwe ozankosi owesilisa waKwaZulu-Natal eboshwa mayelana nesigameko sokubulawa kwekhansela le-ANC eladutshulwa oLundi, kusho amaphoyisa.

View Article


Isimanga sendoda ethwabaza inqunu eKapa

Abashayeli bezimoto eKapa, bazithele kokungabonwayo ngesikhathi indoda ehamba nqunu-nqu, ibhushuzela emgwaqeni omkhulu, ithwabaza emvuleni.

View Article

Kuyihambele kahle i-DA kolukaZuma

INkantolo eNkulu ePitoli, iphoqe uMqondisi obambile kwezokuShushiswa koMphakathi, uNomgcobo Jiba, ukuthi akhiphe amakhasethi enkulumo kaMengameli uJacob Zuma.

View Article

I-Ipid iphenya amaphoyisa ngezinsolo

Kuzophenywa ngezigameko zokuhlaselwa kwezakhamuzi zaseFicksburg, nokuthiwa zenziwa ngamaphoyisa, kusho i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid).

View Article

Asiyingeni eyokumiswa kukaVavi - Numsa

INumsa ithi ayiyingeni eyesinqumo seCosatu sokuyisa uNobhala Jikelele wayo uZwelinzima Vavi, ekhefini eliyisipesheli, kusho ubuholi bayo.

View Article


Abelungu bashiye isithabathaba baya emjondolo

Umndeni wakwaHewitt, ePitoli, ushiye umuzi wawo oseWapadrand, wayohlala emjondolo oseMamelodi, uthi ufuna ukubona indlela abantu abaswele abaphila ngayo.

View Article

Iyakhathaza eyokungahanjelwa kolwaseMarikana

Ukungahanjelwa kwesikhumbuzo sabashona eMarikana nokwenziwa yi-ANC ne-NUM kuyakhathaza kakhulu, kusho i-Azanian People's Organisation (Azapo).

View Article


Zithuthukile ezemfundo - Surty

Izinga lemfundo yakuleli liyakhula yize noma zikhona izinkinga eziningi ezikhungethe, kusho iPhini likaNgqongqoshe woMnyango weMfundo eyisiSekelo.

View Article

UVavi uzophikisa isinqumo sokumiswa kwakhe

UNobhala Jikelele weCongress of SA Trade Unions, uZwelinzima Vavi, okumanje umiswe ngumfelandawonye, uthi uzokuphikisa ukumiswa kwakhe, esho etshela abezindaba.

View Article


UDhlomo akasheshise ngolwaseMc Cord - DA

Kumele uNgqongqoshe woMnyango wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal, aqinisekise ukuthi asivalwa isibhedlela iMcCord Hospital, eneminyaka engu-103 isebenza.

View Article

Inkantolo ichithe isicelo kolwaseMarikana

Isicelo sokuphoqa uMbuso ukuba ukhokhele abavukuzi abalimala eMarikana izindlelo zomthetho sichithiwe eNkantolo yoMthethosisekelo, kusho umbiko.

View Article

Siqhume kuMantashe isitshwebhu ngoVavi

UNobhala Jikelele we-African National Congress, uGwede Mantashe, siqale saqhuma kuye isitshwebhu, "empini yangaphakathi", equtshulwe ukumiswa kukaVavi.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>