UPhiyega akangagxeki ababhula umlilo - DA
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uRiah Phiyega akumele abeke izinsolo zokubulawa kwamaphoyisa kulabo abagxeka ukusebenza kwawo, kusho iDemocratic Alliance.
View ArticleIndodana e-adophthiwe kwelokufa kukayise
Indodana kamfundisi webandla laseHarrismith, iDutch Reformed Church, yiyo ekusolakala ukuthi yambulala ukuze izothola ifa lepulazi, kubike iphephandaba.
View ArticleKufunwa abasaphaze indle esiShayamthetho
Amaphoyisa aseWestern Cape asathungatha abalisa abane abalahle indle emnyango wesiShayamthetho sesifundazwe, kanti bangaphandle abanye abasolwa ngesehlakalo esifanayo.
View ArticleKubanjwe inkunzi isitolo sakwaMcDonald
Amadoda amathathu abambe inkunzi isitolo esithengisa ukudla iMcDonald, eRandburg, eGoli, kusho amaphoyisa esifundazweni saseGauteng.
View ArticleUZuma angeke afake muntu esikhaleni sikajaji
UMengameli uJacob Zuma ngeke afake omunye esikhundleni seJaji uFrancis Legodi, ngemuva kokuthi esulile kwiKhomishana kaSeriti ephenya ngodaba lokuthengwa kwezikhali.
View ArticleKuzovulwa izinkantolo ezizoqula awocansi
Okungenani zingu-22 izinkantolo ezintsha ezizovulwa kuleli, nezizobhekana kuphela namacala ahlobene nocansi, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezobuLungiswa.
View ArticleAkwamukelekile ukupotoza ezikhungweni
Isikhulu u-Adam Habib, ongu-vice-chancellor eNyuvesi yaseWitwatersrand, uthi ukubotozwa kwabafundi angeke kwamukekwe ezikhungweni zabo.
View ArticleAyimile eyekhomishana ngamaphoyisa aseKapa
Ikhomishana ephenya ngokuziphatha kwamaphoyisa aseKhayelitsha, ngaseKapa, ayinalo igunya lokuphoqa amaphoyisa ukuthi akhiphe ubufakazi.
View ArticleBabhuqwa yindlala abantu bakuleli
Ingxenye yabantu bakuleli babhuqwa yindlala, abakutholi ukudla okwanele, kusho ucwaningo olwenziwe ngabakwaHuman Sciences Research Council (HSRC).
View ArticleIphoyisa libanjwe leba ama-mascara
Iphoyisa lesifazane ebelingekho emsebenzini, liboshiwe ngemuva kokubanjwa leba iziphaqulo enxanxatheleni yezitolo ePotchefstroom, kusho amaphoyisa aseNorth West.
View ArticleKushone ingane kuphuzwa umqombothi
Inganyana yentombazane eneminyaka emihlanu ubudala, ishonile esehlakalweni sengozi yemoto, ngemuva kokuthi umndeni wenze umcimbi obunomqombothi.
View ArticleKukhandwe ngamatshe indoda yabulawa
Kutholakale isidumbu sendoda ishonile, ikhandwe ngamatshe endaweni yaseJabulani, eSoweto, kusho amaphoyisa aseGauteng.
View ArticleUvelile osolwa ngokubulala iphoyisa
USiyabonga Nkala, 25, obhekene necala lokubulala iphoyisa, uvelelile ngaphambi kwenkantolo, icala lakhe lahlehlela umhlaka-12.
View ArticleLinikezwe ibheyili iphoyisa le-mascara
Iphoyisa lesifazane elisolwa ngokweba iziphaqulo zohlobo lwe-mascara linikezwe ibheyili ka-R500 yiNkantolo yeMantshi yasePotchefstroom, kusho amaphoyisa aseNorth West.
View ArticleZimkhalele osolwa ngokudlwengula ingane
Owesilisa ulale ebaliwe kulandela ukuqubuka kwezinsolo zokuthi udlwengule intombazanyana eneminyaka emithathu ubudala e-Ipeleng, ngaseSchweizer Reneke.
View ArticleKudutshulwe isitshudeni e-UJ
Kudutshulwe kwalinyazwa isitshudeni ngaphandle kwamagceke e-University of Johannesburg, esikhungweni iDoornfontein, kusho le nyuvesi.
View ArticleLuphinde lahlehliswa ukhetho eKZN
Seluphinde lahlehliswa okwesibili ukhetho lokuchibiyela kuMasipala waseBaqulusini ku-ward 22 ngemuva kwesinqumo esikhishwe yinkantolo.
View ArticleIsibindi ona-7 etakula ingane edlwengulwe naye
Umfanyana waseCers, oneminyaka eyisikhombisa ubudala, utakule intombazanyana enezinyanga ezine ubudala, abadlwengulwe nayo, watotoba nayo waze wayofika ekhaya.
View ArticleKugxekwe ukubulawa kwentombazane
Ukudlwengulwa nokubulawa kwentombazane, 15, yase-Ottosdal, eNorth West kube yisigameko esinobulwane, kusho i-ANC Women's League.
View ArticleInamathemba i-ANC eTlokwe
Abahlali ngaphansi kukaMasipala waseTlokwe, eNorth West, basethubeni lokuqinisekisa ukuthi babuyisela esikhundleni iqembu likaKhongolose.
View Article