Luyaqhubeka uphenyo lwe-RTI
Udokotela wasesibhedlela saseMgungundlovu e-Edendale Hospital, uthe abasebenzi bazama konke ukusindisa umlisa owangeniswa ngemuva kokuyofesela umsebenzi we-RTI.
View ArticleBavelile ngelokufa kowe-ANC
Amadoda amathathu asolwa ngokubulala umholi we-African National Congress ku-ward 75, avele ngaphambi kweNkantolo kaMantshi eThekwini.
View ArticleUyazishwelezela esizweni uVavi
UNobhala Jikelele weCosatu, uZwelinzima Vavi uxolisile emalungwini ayo kanye nasezweni lonkana kulandela izinsolo zokudlwengula uzakwabo abekwa zona.
View ArticleKubhikisha abahlali eReservoir Hills
Amaphoyisa athi asiqaphile isimo emikhukhiwini yaseShannon Drive, eReservoir Hills, kulandela ukuthi abahlali abathukuthele becelekele phansi impahla.
View ArticleKufunwa oshayise wabulala umfana
Ubaba womfundi waseKapa, oneminyaka engu-23 ubudala, ufunga uyagomela ukuthi uzomthola umshayeli wemoto eshayise indodana yakhe yashona.
View ArticleZimkhalele osolwa ngokuduna
Kuboshwe indoda yase-Ennerdale, eningizimu neGoli, esolwa ngokuduna imoto nokuthumba umfundi wase-University of Johannesburg, kusho amaphoyisa.
View ArticleKuboshwe iphoyisa elintshontshe kwa-Edgars
Iphoyisa lomgwaqo likanye nonogada bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela mayelana nezinsolo zokuntshontsha esitolo eHeidelberg, kusho amaphoyisa.
View ArticleKulimale izingane engozini yebhasi
Izingane ezingu-32 zilimele ngesikhathi ibhasi ebelizithwele lidala ingozi liphuma emgwaqeni eDouglasdale, enhla neGoli, kusho abahambisa usizo lokuqala.
View ArticleAngeke baphikise abakhomishana yaseKhayelitsha
Ikhomishana ephenya ngendlela ekusebenza ngayo amaphoyisa eKhayelitsha angeke iphikisane nesicelo efakelwe sona sokuba kubhekwe ukuba isemthethweni yini.
View ArticleKufunwa odubule ekilabhini eThekwini
Amaphoyisa athungatha indoda esolwa ngesehlakalo sokudubula esenzeke endaweni yomjuxuzo eThekwini, eRocca Bar, ngempelasonto.
View ArticleAkukacaci kahle ngolukaVavi
Akucaci noma umholi weCosatu, uZwelinzima Vavi, usazobhekana yini nesigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe ngokujola nesisebenzi salo mfelandawonye.
View ArticleIhlehlile ikhomishana ngezikhali
Abameli boMnyango wezokuVikela bacele ukunikwa isikhashana yiKhomishana kaSeriti, ephenya ngokuthengwa kwezikhali okwadla izwe izindodla zemali.
View ArticleKushone umfana eshayiswa yimoto
Umfanyana oneminyaka eyishumi ubudala, ushonile ngesikhathi eshayiswa yimoto emgwaqeni oseMgungundlovu, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.
View ArticleIsetshenziswe kahle imali kwa-RTMC
Kutholakale ukuthi abeRoad Traffic Management Corporation bazisebenzise kahle izimali zabo ngo-2012/13 ocwaningweni loMcwaningi maBhuku Jikelele uTerence Nombembe.
View ArticleIzigilamkhuba azisihambele kuleli - Phiyega
Izigilamkhuba ezingezwani nokuhlalisana nabantu ngokuthula, azamukelekile kuleli laseNingizimu Afrika, kusho uKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uRiah Phiyega.
View ArticleKudlwengulwe usana olunezinyanga
Inganyana enezinyanga ezine ubudala kanye nomfowabo oneminyaka eyisikhombisa ubudala, badlwenguliwe endaweni yaseCeres, eWestern Cape.
View ArticleLihlehlile elabanaphaza indle
INkantolo kaMantshi waseBellville ilihlehlisile icala lokusaphaza indle esikhumulweni sezindiza, nelibhekene namadoda ayisishiyagalolunye aseKapa.
View ArticleKubi ematekisini aseKapa
Angaphezu kuka-30 amacala okubulala asevuliwe enzeka erenki yamatekisi eKapa, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezokuThutha esifundazweni uRobin Carlisle.
View ArticleKuxwayiswa ngamakhaza ezweni
Iviki leli libhekeke ukuthi libe yiviki elinamakhaza ashubisa umkantsha liphinde libe nezimvula, kusho abakwaSA Weather Services.
View ArticleUthi uboshelwe amanqina enyathi oshiye i-ANC
Owabe ekade eyikhansela le-ANC eNorth West uthi walahlekelwa wumsebenzi ngemuva kokuthi ejoyine i-Economic Freedom Fighters (EFF).
View Article