Quantcast
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live

Kugxekwe umbhikisho onodlame eShowe

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal uNomusa Dube usewugxekile umbikisho obuhambisana nodlame eMombeni, eShowe.

View Article


Bangaphandle abasolwa ngokugqekeza izindlu

Ukuhluleka koMbuso ukuvuselela ngesikhathi izincwadi zawo ngabathweswe amacala, kuholele ekutheni kudedelwe ababili abasolwa ngokugqekeza imizi yabantu.

View Article


Ushadele enkantolo osolwa ngokubulala

Indoda engumnikazi wendawo eqeqeshela ukugada izilwane, nebhekene necala lokubulala umfana owabe ezoqeqeshwa, isigcagcelwe ngumkayo enkantolo ethetha kuyo icala.

View Article

AbakwaMandela bayimbumba ngelomcebo kaTata

Umndeni wakwaMandela usuveze ukuthi kuyisinqumo abasithathe ngokubambisana ukuthi kuyiswe uGeorge Bizos, Tokyo Sexwale, noBally Chuene enkantolo.

View Article

Ugwetshiwe owadelela uZuma

Inikwe isigwebo sokusebenzela umphakathi indoda elahlwe yicala lokuphazamisa uMengameli uJacob Zuma, ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yemigubho yeqembu elibusayo eKapa.

View Article


ISanef ihlaba ukudutshulwa komthwebuli

Akwamukelekile ukuthi izintatheli nabathwebuli bazithole bethelwa ngamachaphazelo, usuku nosuku, kusho inhlangano yabahleli iSA National Editors' Forum,

View Article

Bayavela abesifazane ngelokubulala

Abesifazane ababili bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMahwelereng ngecala lokubulala nokuhlahlela owesifazane, kusho umbiko wamaphoyisa aseLimpopo.

View Article

Ugwetshiwe owadlwengula umshana

Useqalile ukudonsa isigwebo seminyaka engu-25 esendlini emnyama owesilisa owalahlwa yicala ngokudlwengula umshana wakhe oneminyaka emibili ubudala.

View Article


Kuzobhekelelwa iziboshwa - Ndebele

Abaningi abasemajele aseNingizimu Afrika, ngabafana abasebancane abadla izidakamizwa futhi abashiya phakathi esikoleni, abanye abakwazi ukufunda futhi abanawo amakhaya.

View Article


Kuboshwe amaphoyisa mbumbulu eKZN

Amadoda amathathu aphelelwe ngamaqhinga ngesikhathi eboshwa eHillcrest, eThekwini, ngokuzenza amaphoyisa, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

View Article

Zimkhalele osolwa ngokubulala e-E Cape

Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela owesilisa osolwa ngokubulala amadoda amabili eKwaaiman, ngaseMqanduli e-Eastern Cape, kusho amaphoyisa.

View Article

Udilikajele kowabulala intombi

Igwetshwe ukudilikelwa yijele indoda yaseNorthern Cape, elahlwe yicala lokushaya ibulale intombi yayo, kusho isitatimende samaphoyisa ngoLwesine.

View Article

UMnyango uzoqhubeka nokuxhasa isibhedlela saseKZN

UMnyango wezeMpilo esifundazweni saKwaZulu-Natal, uzoqhubeka nokuxhasa isibhedlela iPongola, esiseZululand, kusho umkhulumeli woMnyango uSam Mkhwanazi.

View Article


Kuzoqeqeshwa izikhulu eKZN

Izikhulu komasipala baKwaZulu-Natal zizophoqeka ukuthi ziqeqeshwe, ngenhloso yokuthi zikwazi ukuqhuba umsebenzi ngendlela, kusho uNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana.

View Article

Lihlehlile elamaphoyisa asolwa ngokubulala owaseNigeria

Kuhlehliselwe umhlaka-6 Juni, ukulalelwa kwesicelo sebheyili samaphoyisa amane abhekene necala lokushaya abulale umlisa odabuka eNigeria.

View Article


Kuboshwe izigilamkhuba e-E Cape

Amadoda amahlanu aseKing William, aboshiwe abekwa izinsolo zokubamba inkunzi kuhlonyiwe, ukuzama ukubulala kanye nokweba, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

View Article

Kuphume izithombe ngesigameko sikaPistorius

Sekuputshuke izithombe zangaphakathi emzini womsubathi wakuleli u-Oscar Pistorius, zitshengisa igumbi lokugezela limanaphanapha yigazi, kusho umbiko.

View Article


Kushone umfana egibele umshini ePMB

Umfanyana oneminyaka emihlanu ubudala uficwe ngukufa edlala umshini eMgungundlovu, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

View Article

Bavelile abazali abasolwa ngokufa kosana lwabo

Livele ngaphambi kwenkantolo yesefunda saseVanderbijlpark, ibhungu kanye nentombi yalo, kulandela isehlakalo sokushona kosana lwabo ngenyanga ka-Agasti ngonyaka owedlule.

View Article

Iziboshwa zingase zilindele ngaphandle

Iziboshwa ezilinde ukuthi kuthethwe amacala azo zingase zidedelwe kepha ziqashwe ngobuchwepheshe obubandakanya amabhengela asebenza ngogesi.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>