Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Imeya izwakalise ukushaqeka ngezinsolo

IMeya yaseKurhuleni uMondli Gungubele usezwakalise ukushaqeka kulandela imibiko ethi ibhungu lisolwa ngokubulala amalungu omndeni walo amane ngembazo, eTwatwa.

View Article


Bayavela enkantolo ababoshwe kolwaseDiepsloot

Kulindeleke bavele eNkantolo yeMantshi yasePitoli abantu abayisishiyagalolunye ababoshelwe ukudala uthuthuva emphakathini nokutholakala nempahla eyebiwe.

View Article


Kushone obehamba ngezinyawo eBoksburg

Yendele koyisemkhulu indoda eshone ngesikhathi ishayiswa yitekisi eBoksburg, kusho abezimo eziphuthumayo.

View Article

Zivelile izikhulu zikahulumeni ngelokubulala

Iphoyisa laKwaZulu-Natal nabasebenzi boMnyango wezokuThutha abathathu bazohlala elinye isonto belinde ukufaka iscelo sebheyili ngecala lokubulala umuntu waseShowe.

View Article

Iphaphamise abakwaSars eyaseWaterkloof

AbakwaSA Revenue Service, baphezu kwezinhlelo zokuqinisa ukusetshenziswa kwenkambi yamasosha iWaterkloof Air Force Base kanyene nezinye izintuba zokungena kuleli

View Article


Indoda ishokhwe ugesi eKapa

Owesilisa ohlala emgwaqeni ubanjwe ngugesi ngesikhathi ewela emzileni wesitimela onamakhebuli athumela ugesi onamandla esiteshini sesitimela eKapa, kusho umbiko.

View Article

Webe iselula wafaka izithombe zakhe kuWhatsApp

Kungase kwenzeke ukuthi isela lomakhalekhukhwini, lihlabane ngendondo yokuba yisiduphunga sesela, njengoba lebe umakhalekhikhwini lase lifaka isithombe salo kuWhatsApp.

View Article

Uthisha utalabhe umfundi okhubazekile

Izikhulu ezibhekelele ukusebenzisana kwabasebenzi zicelwe ukuba ziphenye ngezinsolo ezithi uthisha utalabhe umfana, 7, ophila nokukhubazeka, ngepayipi lamanzi.

View Article


Kuhlakazwe izigungu ze-ANC eLimpopo

Ithimba le-African National Congress elibizwa ngeProvincial Task Team (PTT), eLimpopo, selihlakaze ubuholi ezifundeni ezintathu, kusho iqembu.

View Article


Owokukhuculula amabala ekuthiwa welapha i-HIV

Sekuvele izambulo ezimangalisayo zokuthi ikhambi ekuthiwa lilapha isifo sengculazi liye kohlolwa e-laboratory kwatholakala ukuthi ngumuthi wokukhuculula amabala.

View Article

IGauteng ayiyisenzisi imali eklanyelwe yona - DA

Isifundazwe saseGauteng asiyisebenzisi imali esiklanyelwe yona, kusho iqembu iDemocratic Alliance, njengoba kuvele ukuthi lesi sifundazwe senze inzuzo yesigidi.

View Article

Kudingeka amagovu amaphoyisa eKZN

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aselulele isandla emphakathini athi acela unikele ngezinja ezingase zisetshenziselwe ukuba ngezamaphoyisa.

View Article

Bathi waphuza igazi lengane owabulala umndeni

Kukholakala ukuthi umfana oneminyaka engu-14 ubudala osolwa ngokubulala amalungu amane omndeni wakhe, waphuza igazi likadadewabo onezinyanga ezintathu ubudala.

View Article


Angiwungabazi umsebenzi wamaphoyisa - Phiyega

Sekukaningi amaphoyisa ewenza ngempumelelo umsebenzi uma kunemibuthano noma imibhikisho, akukhathaleki ngisho kuhambisana nodlame, kutshelwe iKhomishana kaFarlam.

View Article

I-DA ithi akulona iqiniso okushiwo yi-ANC

Imane iyazikhulumela nje i-African National Congress, uma ithi idolobha laseKapa alibakhathalele abantu abahlwempu, kusho iDemocratic Alliance.

View Article


Abagwetshwe kanzima abazingela obhejane - Radebe

Kumele bagwetshwe kanzima abantu abazotholakala benamacala okuzingela obhejane, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezeMvelo esifundazweni saKwaZulu-Natal.

View Article

Ibuhlungu eyokushona kwabayosoka - SAHRC

AbeSA Human Rights Commission (SAHRC), bathi bakhathazekile ngezehlakalo zokushona kwabafana abakade beyosoka, abashone eMpumalanga naseLimpopo.

View Article


Kushone abafundi engozini eMthatha

Abafundi abahlanu bashonile kwathi abanye abangu-29 balimala ngesikhathi ibhasi ebibathwele ihlangabezana nengozi eLwandile Village, kusho amaphoyisa.

View Article

Bayavela abadlwengule babulala owesifazane

Amadoda amane akhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngezinsolo zokudlwengula nokubulala owesifazane, 23, eMajeje Village, ngasePhalaborwa, kusho amaphoyisa aseLimpopo.

View Article

Uphume phambili ecaleni uShelembe

Lowo owake waba yisekela leMeya kuMasipala uMsunduzi u-Alpha Shelembe uphume phambili emacaleni okuxhaphaza izimali eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu, kusho i-NPA.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>