Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Umuzi kaMalema uzofakwa endalini kusasa

Umuzi ongakaqedwa ukwakhiwa kalowo owayengumengameli we-ANCYL owaxoshwa uJulius Malema uzofakwa endalini ngoLwesine, kusho umbiko.

View Article


Kuthungathwa umyeni wobulewe

Amaphoyisa aseSasolburg anxusa umyeni wowesifazane obulawe ngesihluku emzini wabo ukuba axhumane nawo, kusho umbiko.

View Article


Okusha ngemvume kolwakwaGupta

Amaphepha akwaSA Air Force avumela indiza yomndeni wakwaGupta ukuthi isebenzise inkambi yaseWaterkloof Air Force Base, ahanjiswa emiNyangweni eyahlukene, kusasele amasonto.

View Article

Kuboshwe umfundi ogwaze omunye eKZN

Ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela umfundi wase-Eastwood Secondary School ngezinsolo zokuthi ugwaze omunye umfundi ngesikelo ngesikhathi sekhefu.

View Article

Iyavutha imeya ebizwe ngoGupta

IMeya yaseNewcastle u-Afzul Rehman uwotha ubomvu njengoba esevulele isikhulu somnyango wezemigwaqo isikhalazo ngokumbiza ngoGupta, kusho umbiko.

View Article


Izigidi ngobudedengu besibhedlela

INkantolo eNkulu ePitoli isikhiphe isinqumo sokuba ingane eyanqunywa imilenze, ngenxa yobudedengu besibhedlela, ikhokhelwe u-R2.8 million wamademeshe, kusho umbiko.

View Article

Bavelile abasolwa ngokukhwabanisa

INkantolo yeMantshi yasePitoli, ilihlehlisile icala lokukhwabanisa elibhekene nabayisithupha abasebenza eMnyangweni wezabaSebenzi, kusho umbiko woMnyango.

View Article

Ubanjwe inkunzi waphucwa u-R80 000

Indoda yaseReservoir Hills, engathanda ukudalulwa igama, ibanjwe inkunzi yaphucwa isamba esingu-R80 000, ingasebhange elikuFlorida Road, eThekwini.

View Article


Kuthungathwa olahle usana esitimeleni

Abantu abahlanza izitimela zakwaMetrorail balinde bonke abagibeli ukuba baphume esitimeleni ngaphambi kokuba baqale umsebenzi wabo wokuhlanza isitimela.

View Article


Kuzoshuba ngemithetho yotshwala - Dlamini

Ungathi uphela lo nyaka ibe isiqine ngokunye imithetho ngokuphuzwa kotshwala, kusho uNgqongqoshe wezeNhlakahle uBathabile Dlamini, etshela iPhalamende.

View Article

Zingase ziphazamise izinsolo zokuhlukumeza - IFP

Izinsolo ezithi kuhlukunyezwa amasosha asuke esesikhungweni i-Army Infantry School, e-Oudtshoorn, akusiyo into engaba nomphumela oncomekayo emasosheni, kusho i-IFP.

View Article

Olunye uphenyo ngeNkandla

UMnyango wezemiSebenzi yoMphakathi uphenya ngayo yonke imiklamo yayo emikhulu, okuhlanganisa ukuphathwa kwamahhovisi kahulumeni kanye nezindawo ezihlala izikhulu.

View Article

Usehlulwa nawukuhamba okhuluphele

UJoseph Nthite, 21, waseLimpopo, unesisindo esingu-160kg, ukhuluphele kangangokuba akasakwazi nokuhamba lokhu, useyashosha.

View Article


Kuzokhangiswa amathenda abangani bakaMalema

Azokhangiswa kabusha amathenda esamba sika-R900 milllion abe ehlonyulwe abangani bomholi we-ANC Youth League owaxoshwa, uJulius Malema.

View Article

Uboshiwe owesifazane obeqola abokufika

Uzolala ebaliwe owesifazane obezenza iphoyisa eqola abantu bokufika eGoli, ebafuna izimvume zokuba kuleli laseNingizimu Afrika, kusho amaphoyisa.

View Article


Bangu 94 ababoshelwe ukuzingela obhejane

Bangu-94 abantu asebeboshelwe amacala okuzingelwa kobhejane nokushushumbiswa kwabo, kusukela kuqale unyaka ka-2013, kusho umbiko woMnyango wezeMvelo.

View Article

Kujikijelwe ibhasi ngebhomu eRustenburg

Abasebenzi abayishumi bakwaRainbow Chicken, balimale kambi ngesikhathi ibhasi lomsebenzi ebebehamba ngalo lijikijelwa ngebhomu eZinniaville, eRustenburg.

View Article


Kuzovulwa amanyuvesi amabili amasha - Nzimande

Unyaka ka-2014 uza nokuvulwa kwamanyuvesi amasha eMpumalanga naseNorthern Cape, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo ePhakene uBlade Nzimande.

View Article

Limgojele owazama ukuthumba umfundi

UMohammed Adams ugwetshwe iminyaka emihlanu esejele yiNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort ngokuzama ukuthumba umfundi waseFlorida ngo-2011.

View Article

Ugwetshiwe owadlwengula isalukazi

Owesilisa waKwaZulu-Natal ugwetshwe iminyaka engu-15 esezikhindini yiNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngokudlwengula nokugebenga isalukazi, 88.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>