Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Kuzodliwa imali ngeMother's Day

Abantu baseNingizimu Afrika bazosebenzisa imali engaphezu kwesigidi, bethenga izinto ezikhala kahle belungiselela noSuku loMama, kusho ababhekele amaCredit Card.

View Article


Kushone ababili kudutshulwa eKapa

Amadoda amabili ashonile kwathi abanye abathathu balimala esehlakalweni sokudubula esenzeke eKraaifontein, eKapa, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.

View Article


Bavelile abasolwa ngokudubula empeshenini

Avelile ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma amadoda amabili asolwa ngokubulala abantu abathathu ngesikhathi egebenga empeshenini, kusho umbiko.

View Article

Iminyaka engu-10 koweba u-R100

Owesilisa, 21, waseMdantsane ugwetshwe iminyaka eyishumi etholoza ejele ngokugebenga umakhelwane wakhe u-R100 ngonyaka odlule, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

View Article

Avaliwe ekukhankaseni amalungu e-ANCYL

I-ANCYL National Task Team (NTT) isixwayise amalungu ngokukhankasela ukuba sebuholini obuphezulu benhlangano, kusho umbiko.

View Article


Ezinye izikole ezizovalwa e-E Cape

Zingu -32 izikole saze-Eastern Cape esezifakwe ohlwini lwezikole ezizovalwa, kusho umbiko, othi akukho ukufunda okuqhubeka kulezi zikole.

View Article

Unkosikazi kaZuma uthi webelwa ubucwebe

Unkosikazi kaMengameli Jacob Zuma, uThobeka Madiba-Zuma, ufuna ukunxeshezelwa ngemali eyingxenye yesigidi yiSA Airlink njengoba ekhala ngokwebelwa ubucwebe bakhe.

View Article

I-Dagga Party izimisele ngokungenela ukhetho

Umholi weDagga Party of SA uthi unethemba lokuthi ubuso bakhe buvele ephepheni lokuvota uma sekunokhetho lukazwelonke ngonyaka ozayo, kusho umbiko.

View Article


Abuyele emsebenzini amaphoyisa olwakwaGupta

Amaphoyisa ayisishiyagalolunye kaMasipala waseTshwane abeboshelwe izinsolo zokuphelezela ababehambele umshado wakwaGupta, asebuyele emsebenzini.

View Article


‘Angeke siyimele eyetulo likaFransman'

Izinsolo zetulo lokubulala uSihlalo we-African National Congress eWestern Cape, uMarius Fransman, sezize novalo ebuholini beqembu kuzwelonke.

View Article

Ithi iyacwaswa imantshi eyamiselwa ukuzamula

Owabe eyimantshi eNkantolo yeMantshi yasePitoli, nobhekene necala lokuzamula anganaki nokungakhathaleli ukuqhubeka kwenkantolo, uthi ucwaaswa ngokwebala.

View Article

Yehlisani amaphaphu - Mchunu

UNgqongqoshe wezokuPhepha kanye nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uWillies Mchunu ucele ukuba kube nokubekezelelana kulandela ukukhula kwezehlakalo zokuhlaselana.

View Article

Kudingeka abantu 'abaphapheme' - Ramphele

Abantu kudingeka babeyizakhamuzi ezisebenzayo, hhayi izinto ezingenzi lutho nje, ukuze bakwazi ukulawula impilo yabo, kusho umsunguli we-Agang, uMamphela Ramphele.

View Article


Isikhulu samaphoyisa siyathinteka - Ubufakazi

Abavukuzi ababoshwa nabalimala eMarikana bazoveza ukuthi inhloko yethimba lamaphoyisa elalisebenza kule ndawo yaba nesandla ekubulaweni kozwakwabo.

View Article

Izigidi kowabeletha ingane egulayo

Abazali bengane eyazalwa inesifo esibizwa ngeDown Syndrome, bazohlawulwa wuhulumeni wesifundazwe kanjalo noMasipaa waseThekwini, isamba esingu-R6.6 million.

View Article


Sidla lubi isihluku eSANDF - Umbiko

Amalungu amaningi abaqeqeshelwa embuthweni wamasosha eSANDF angeniswe esibhedlela kanti omunye wabo angase angaphinde akwazi ukusebenzisa isandla sakhe.

View Article

Kudingeka amasosha anamandla - Zuma

Inhlangano i-AU ifuna amasosha anamandla, kuze ezokwazi ukubhekana nempi eqhubeka emazweni amaphakathi ne-Afrika, kusho uMengameli waseNingizimu Afrika uJacob Zuma.

View Article


Kuboshwe owaseNigeria eGoli

Indoda edabuka eNigeria ikhalelwe ngamasongo kaSonyela kulandela ukuthi ibanjwe nezidakamizwa, emzini oseBrakpan, kusho amaphoyisa kaMasipala waseKurhuleni.

View Article

Kutholakale usana efrijini

Amaphoyisa aseDaveyton athi kutholakale usana olusanda kuzalwa, lusalenga inongwane futhi luphila, lutholakala efrijini engasetshenziswa ekhona endaweni.

View Article

Kushone oyedwa kwalimala 16 engozini

Kushone owesifazane kwathi abanye abantu abangu-16 balimala ngesikhathi itekisi abebehamba ngayo itholana phezulu nemoto encane eConstantia, eKapa.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>