Kushone indoda emlilweni eGoli
Umlilo oqubuke emijondolo yaseZamimpilo, eRiverlea, eGoli, udlule nomphefumulo wendoda, kusho abethimba lezimo eziphuthumayo.
View ArticleKubi kosolwa ngokubulala intombi
Kubonwa ngokusa ephoyiseni laseGreytown elisolwa ngokudubula libulale intombi nomama wayo, kusho okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uCaptain Thulani Zwane.
View ArticleIyaqhubeka ikhomishana kaFarlam
Ukuphekwa ngemibuzo kwesikhulu samaphoyisa kulindeleke ukuba kuqhubeke eKhomishaneni kaFarlam nelandela ngokwenzeka eMarikana, eRustenburg.
View ArticleBaboshelwe ukudla ibhilidi eGoli
Abantu abayishumi nane baboshiwe mayelana necala lokungena ngodli ebhilidini eliseJeppestown, eGoli, kanjalo nokuhlukumeza iziqashi, kusho uphiko loKlebe.
View ArticleUFransman usinde kukubi ehlaselwa
Umholi we-African National Congress eWestern Cape, uMarius Fransman uphume ngembobo yenaliti ngesikhathi ehlaselwa yiqulu kuqhubeka umhlangano wobuholi beqembu.
View ArticleUyivulele icala intombi 'eyisinama'
Owesilisa waseGoli usephendukele kwezomthetho ukuzama ukuthi lowo owayeyintombi yakhe "amxege" kulandela ukukhala ngokuthi uyamhlukumeza.
View ArticleUKarabus usalinde i-passport e-UAE
Udokotela wakuleli uCyril Karabus uzozama okwesihlanu ukubuyiselwa i-passport yakhe nguhulumeni wase-United Arab Emirates (UAE), kusho umbiko.
View ArticleUPhiyega uqale uphenyo ngolwakwaGupta
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uRiah Phiyega useqale uphenyo lwangaphakathi mayelana nodaba olungundabamlonyeni oluthinta umndeni wakwaGupta.
View ArticleKugwilize ingane e-swimming pool
Kushone intombazanyana eneminyaka emine ubudala, ngemuva kokuthi iminze e-swimming pool, esekhaya kubo eMeredale, eningizimu neGoli, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.
View ArticleBazovela ababanjwe nenqwaba yensangu
Ubalelwa esisindweni esingama-ton amabili umthunzi wezinkukhu osushaqwe ngamaphoyisa aKwaZulu-Natal ngo-Ephreli emngceleni wezwe neLesotho.
View ArticleBabuyela enkantolo kwelokubulawa kowe-IFP
Amadoda amahlanu asolwa ngokusoconga umlandeli weNkatha Freedom Party azobuyela eNkantolo yesiFunda yaseThekwini njengoba ebhekene necala lokubulala.
View ArticleSekuqubuke ezinye izigelekeqe
Sekuqubuke esinye isigejana sezigelekeqe esenza umsebenzi ofana ncamashi nowe"five-minute gang", ebidla lubi eMontrose, nesanda kuboshwa ngezinsolo zokugqekeza.
View ArticleINingizimu Afrika ihlulwa ukubonga - Gupta
INingizimu Afrika kumele ingabe ibonga ayiphezi ngotshalomali umndeni wakwaGupta oluletha emnothweni wezwe, kusho u-Atul Gupta embikweni wakamuva.
View ArticleUyaziphendulela obizwe yindoda "ngesinama"
Owesifazane obesolwa ngowayeyisoka lakhe ngokuba "yisinama" uvumile ukuthi akekho msulwa kodwa wathi ummangali usho uhlangothi olulodwa lwendaba.
View ArticleKulimale kambi umgqekezi edutshulwa
Umninimuzi wasePitoli uvulele ngenhlamvu ebhekise kubagqekezi, kwalimala kambi oyedwa kubo, kwadingeka aphuthunyiswe ngendiza enophephela emhlane esibhedlela.
View ArticleUphika eyokucwasa umndeni wakwaGupta
Umndeni weziqumama wakwaGupta, uyakuphika ukuthi ukhombise ukucwasa ngokwebala emshadweni, ngesikhathi ufuna ukuwetwa ngabantu abamhlophe kuphela.
View ArticleUhulumeni ukweleta abantu iqiniso - SACBS
Uhulumeni ukweleta abantu baseNingizimu Afrika iqiniso eliphelele ngokusetshenziswa kwezinto zoMbuso, ngumndeni wakwaGupta, kusho abe-SACBC.
View ArticleKuboshwe ababili ngelokubulala
Bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela abantu ababili eGoli ngezinsolo zokubulala umlimi uJannie du Plessis epulazini lakhe eliseGretna Green, ngaseVilliers eFree State.
View ArticleUsizi kothi waqolwa eyeLotto
UJohannes Sebothoma, 49, waseKgobokwane eLimpopo, ufanelwe ukuba uphila impilo yobukhosi, kunalokho unguqhwayilahle ophilela ukucela.
View ArticleIyaqhubeka inzukazikeyi ngolwakwaGupta
Sekuphindwe kwamiswa ezinye izikhulu ezine mayelana nokuqhubeka kwenkombankombane ngodaba lwendiza ebithwele izicukuthwane ebezize emshadweni wakwaGupta.
View Article