Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live
↧

Uphume phambili kwelokushaya izingane

Umnikazi wenkulisa yasePitoli, uphume emsulwa enkantolo njengoba ebesolwa ngokuhlukumeza izingane ezimbili, ekuthiwa kwenzeka kulesi sikhungo sakhe ngonyaka ka-2011.

View Article


ISA First yimisebenzi yesitha - MKMVA

Ukusungulwa kweqembu lamahlubuka lingenza yalabo ababengovukayibambe be-ANC kungenxa "yobuhlungu bezinhliziyo", kusho Umkhonto we Sizwe Military Veterans' Association.

View Article


Ayengekho amanzi kufeselwe umsebenzi - Ubufakazi

Kwakungekho kudla, kungekho manzi, kungekho maphoyisa futhi bengekho nabahlinzeka ngosizo lokuqala ngesikhathi kufeselwe umsebenzi wokuba ngamaphoyisa.

View Article

Kuhlehlisiwe ukugwetshwa kukaBrown

INkantolo eNkulu yaseWestern Cape, ikuhlehlisile ukwethulwa kwesigwebo sikasomabhizinisi oyisikhulu senkampani iFidentia, u-J Arthur Brown.

View Article

Kuzobhekwa ukusebenza kwe-ANCYL ezifundazweni

Ithimba iNational Task Team, ngaphansi kophiko lwentsha ye-African National Congress, lizohambela izinhlaka zophiko kulona lonke izwe, ngenhloso yokulungisa okonakele.

View Article


Lihlehlile elomlandeli weChiefs

Amaphoyisa asazama ukuthola i-video ekhombisa umlandeli weKaizer Chiefs ehlasela unompempe ngevuvuzela, ngesikhathi kuqhubeka umdlalo weqembu eThekwini.

View Article

Kusetshenziswe R2.4m kulungiswa indlu yokubhemela

UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, usebenzise isamba esingu-R2.4 million, kwakhiwa igumbi lokubhemela abasebenzi, kusho iDemocratic Alliance.

View Article

Abavukuzi bashintsha ukuziphatha - Marikana

Ukuziphatha kwabavukuzi baseMarikana kwashintsha isigubhukane, ngaphambi kokuthi abanye babo badutshulwe ngamaphoyisa mhlaka-16 Agasti, kutshelwa iKhomishana kaFarlam.

View Article


Kulimale umfana engozini

Umnfana oneminyaka engu-15 ubudala ulimale kambi ngesikhathi kwehla ingozi yomgwaqo, ku-N3, ngaseDe Hoek, e-Alberton, kusho abahambisa usizo lokuqala.

View Article


Kumele kujeze abathile ngolwaseWaterkloof - ANC

Iqembu elibusayo i-ANC lifuna incazelo ephelele ekutheni kwenzeka kanjani ukuthi indiza eyabe ithwele umndeni wakwaGupta ivunyelwe ukuthi iyohlala enkambini yamasosha.

View Article

Angeke sixolise kungqongqoshe - Craven

Umfelandawonye wezinyunyana iCosatu ikanye nenyunyana yothisha iSadtu, bathi abakaze bathole lutho oluvela kuNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo mayelana nesixoliso.

View Article

Uyaphika uMnyango wezeMpilo eKZN

UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal usuziphikile izinsolo ezithi wasebenzisa isamba esingu-R2.4 million, kulungiswa indawo yokubhemela abasebenzi.

View Article

Usuzotholakala kalula umlando we-ANC

Umbiko ophelele ngomlando weqembu elibusayo i-African National Congress, usuzotholakala kwi-internet, uhambisana namadokodo, izithombe kanye nama-video.

View Article


Badelele izwe abakwaGupta - Cosatu

INingizimu Afrika idelelwe kakhulu ngumndeni wakwaGupta, ngokusebenzisa kwawo izinto zikahumeni, kusho umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCosatu.

View Article

Kuhlaselwe umndeni eNorth West

Owesifazane ekanye nomfowabo nendodana yakhe, bagwazwe ngamadoda amathathu elokishini laseKhuma, ngaseKlerksdorp, kusho amaphoyisa aseNorth West.

View Article


Isikole sixosha ingane yezitabane

Abesifazane ababili baseMpumalanga abathandanayo, bathi batshelwe ukuthi kumele bahlukane, kungenjalo indodana yabo izoxoshwa esikoleni.

View Article

Kuboshwe inqwaba eSoweto

Balinganiselwa ku-26 abantu ababoshelwe amacala ahlukahlukene eSoweto, ngesikhathi kuphenywa, kusho amaphoyisa aseGauteng.

View Article


I-ANC isebenzisa uMandela - DA

Iqembu eliphikisayo iDemocratic Alliance seligxeke i-African National Congress lathi isebenzisa loyo owabe enguMengameli wezwe uNelson Mandela, ukuzama ukuzibonakalisa.

View Article

AbakwaGupta basehlisa isithunzi - Nzimande

INingizimu Afrika akumele ivumele imicimbi yangasese ukuba ibanjelwe ezindaweni zombutho wezempi, kusho uNobhala Jikelele weSouth African Communist Party uBlade Nzimande.

View Article

Amisiwe amanesi kwelowabelethela emgwaqeni

Izinyawo zigcwale udaka emanesini amane kulandela ukuthi owesifazane abelethela eceleni komgwaqo, kusho uMnyango wezeMpilo eGauteng.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>