Kuzophenywa ngesidumbu esitholakele
Owesilisa akabange esaluqeda uhambo lwakhe njengoba eminzile washona ezama ukuwela umfula obudla izindwani eCentane, ngaseButterworth.
View ArticleKuzobalwa abafundi nothisha e-E Cape
UMnyango wezeMfundo e-Eastern Cape usunqume ukuqasha iStatistics SA (StatsSA) ukuba ibale abafundi, othisha nezikole esifundazweni ngokusemthethweni.
View ArticleBebezitika ngemali behleli emakhaya - Umbiko
Lowo owamiswa njengenhloko yezindaba zeSABC uPhil Molefe ubethola yonke imihlomulo yakhe ebalelwa ku-R2.2 million yize ebehleli ekhaya ngonyaka odlule.
View ArticleUBizos akagobi phondo
UGeorge Bizos usephonsele inselelo amadodakazi kalowo owayengumengameli wakuleli uNelson Mandela ukuthi baveze ubufakazi bokuthi kukhona okungahanjiswanga ngendlela.
View ArticleKusolwa one-HIV ngokulala nengane ethi uzolapheka
Indoda yaseSoweto kukholakala ukuthi yaya ocansini nendodakazi yayo eneminyaka emibili ubudala, ngoba ikholwa wukuthi izolapheka igciwane lesandulela ngculazi.
View ArticleKusolwa isivinini engozini yase-KZN
Sekusabalale imibiko ethi umshayeli webhasi eligingqike KwaZulu-Natal labulala abafundi abayisishiyagalombili, ubehamba ngesivinini esiphezulu.
View ArticleUgcwele ukuzethemba uKarabus
Udokotela wakuleli laseNingizimu Afrika uCyril Karabus, uzohlala izinsukwana e-United Arab Emirates, ngaphambi kokuthi abuyele ekhaya.
View ArticleKungqongqiswe inkulisa kunodado phakathi
Abahlali abebedinwe bethelwa ngamanzi bazame ukushisa inkulisa eMfuleni nakuba kunezingane phakathi, ngoba bedinwe ukudilizelwa imijondolo yabo.
View ArticleUZille uthi akanandaba nomdwebo weNumsa
INumsa ikhiphe izincwajana ezinemidwebo engomholi weDA uHelen Zille kanye noNgqongqoshe eHhovisi likaHulumeni uTrevor Manuel bevumelana ngohlelo lwe-NDP.
View ArticleKushone indoda engozini eKZN
Yendele koyisemkhulu indoda kwathi abanye ababili balimala kabi ngesikhathi imoto abebehamba ngayo ishayisa ibhuloho emgwaqeni omkhulu uN2 ngaseBallito, KwaZulu-Natal.
View ArticleKuzofakaza iphoyisa laseKZN ecaleni lebhomu
Iphoyisa laKwaZulu-Natal kubhekeke ukuthi lethule ubufakazi, mayelana nesehlakalo sokuqhumisa ngebhomu esenzeka ngo-2006, kwashona ugogo nengane.
View ArticleInhlangano yabazali igxeke iSadtu
Inhlangano yabazali isikhwele yadilika enyunyaneni yothisha iSadtu, kulandela umbhikisho obumelene noNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo eyisiSekelo.
View ArticleI-AfriForum yamukele ukuqokwa kwe-JCT
I-AfriForum ikwamukele ukuqokwa kwe-Judicial Conduct Tribunal, nezobhekelela ukusebenza kwezobulungiswa, ukuba iphenye ngezikhalazo zokucwasa okwenziwa nguNkola Motata.
View ArticleHlukanani noMotshekga - ANCWL
Uphiko lwabesifazane eqenjini elibusayo i-ANCWL seluphumele eshashalazini lweseka uNgqongqoshe woMnyango wezeMfundo emazingeni ayisiSekelo u-Angie Motshekga.
View ArticleUzonxeshezelwa owaboshwa ngephutha
bakhokhi bentela kuzomele bakhiphe imali engaphezulu kuka-R60 000 ngemuva kokuba inkantolo ikhiphe isinqumo sokuthi amaphoyisa aseMakhado aphatha ngesihluku owesifazane.
View ArticleUzobuyela emsebenzini uDali Mpofu
Ummeli uDali Mpofu kulindeleke ukuthi aphinde ajoyine iKhomishana kaFarlam, eqhuba uphenyo ngalokho okwenzeka kudutshulwa abavukuzi basemayini.
View ArticleKushone ohamba ngezinyawo eshayiswa yiloli eKZN
Umuntu ohamba ngezinyawo ushonile ngesikhathi eshayiswa yiloli eMgungundlovu, kusho abahambisa usizo lokuqala.
View ArticleZibakhalele ababambe inkunzi ePinetown
Bakhalelwe ngamasongo kaSigonyela abalisa ababili abaphuce indoda omakhalekhukhwini abathathu nezikhiye zemoto, ePinetown, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
View ArticleIqengqeleze yodwa i-ANC kuchitshiyelwa
Iqembu elibusayo i-ANC liqengqeleze lodwa ngesikhathi kubanjwe ukhetho lokuchibiyela, kusho iKhomishana yoKhetho i-Independent Electoral Commission (IEC).
View ArticleUMadonsela wamuikeliswe ngendondo
UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela wamukeliswe ngendondo yokuba ngogqamile ezindabeni ngonyaka ka-2011, enikwa ngabeJohannesburg Press Club.
View Article