Lixoshiwe ikhansela ebelidayisa imizi yomxhaso
Ibhantshi ligcwale umoya ekhanseleni lakuWard 35, uThobile Gqola, otholakale ephule umthetho obekelwe amakhansela, nekuthiwa belidayisa izindlu zomxhaso.
View ArticleUPhiyega uvune inhloko yamaphoyisa aseN West
Inhloko yamaphoyisa aseNorth West yayingadingi mvume yokwenza izitatimende, ngaphambi kwesehlakalo sokudutshulwa kwabavukuzi emayini yaseLonmin eMarikana.
View ArticleUkhala ngodokotela 'owayefundela' kuyena
U-Esau Monyake uselahlekelwe indlela abephila ngayo, uthi lokhu kwenzeke ngemuva kokuba udokotela osafunda esibhedlela ehlulekile ukwenza umsebenzi wakhe ngendlela.
View ArticleAkukaboshwa muntu ngokubulawa kukaKemp
Akukaboshwa muntu ngokubulawa kowayengumdlalo webhola lombhoxo nowayedlalela ama-Lions , uJohan Kemp, kusho amaphoyisa aseGauteng.
View ArticleBatalabhe oshiye ingane yodwa ebusuku
Abesifazane ebebethukuthele bamshiye emabokoboko owesifazane ohambe wayozitika ngotshwala, eshiya ekhaya indodana yakhe eneminyaka emithathu ubudala.
View ArticleUZuma uncome ukuphikelela kwamasosha
UMengameli Jacob Zuma ubhonge emswaneni ngesikhathi evalelisa emasosheni angu-13 akuleli ashonela ezinkalweni zaseCentral African Republic, wathi ashone engamaqhawe.
View ArticleBebesenkantolo abasolwa ngokuqola umasipala
Amadoda amathathu kwamane abhekene necala lokweba imali kaMasipala waseMpumalanga, avele kafushane ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseSecunda.
View ArticleKuboshwe ibhungu ngokufa komfana
Amaphoyisa ase-Eastern Cape, athi zimkhalele umlisa mumbe osolwa ngokugwaza abulale umfana oneminyaka engu-16 ubudala otholakale eseshonile.
View ArticleAkaze ngikujabulele ukushona kwabavukuzi - Phiyega
Amaphoyisa adubula abulala abavukuzi, ayebongwa ngokulandela imigomo abekelwe yona emsebenzini, kusho uKhomishana wamaPhoyisa kuZwelonke uRiah Phiyega
View ArticleBavelile abasolwa ngokweba isisefo semali
Avelile ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge, amadoda amathathu asolwa ngokweba isisefo semali, esebiwa esiteshini samaphoyisa ase-Alberton.
View ArticleUkobandayo oshayiswe yisitimela
Ilele kobandayo indoda yaseKapa, eshayiswe yisitimela e-Eersterivier, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo, abathi bayifice ivele isithule.
View ArticleIseyinkinga indaba yezincwadi ezikoleni - Umbiko
Njengoba seligoqiwe ikota lokuqala lonyaka ezikoleni ezinye zazo azikakazitholi izincwadi zokufunda nokufundisa, ngokusho kombiko.
View ArticleUZuma uthelekile eChad
UMengameli Jacob Zuma ufikile eN'Djamena, eChad, njengoba ehambele leliya lizwe maqondana nomsebenzi, kusho iHhovisi likaMengameli.
View ArticleUgwetshiwe owabulala emngcwabeni
Ugwetshwe iminyaka engu-25 esejele owesilisa waKwaZulu-Natal ngokubulala u-anti wakhe wase elimaza umuntu owayeseceleni, ethuneni lomyeni wakhe.
View ArticleUSindane ubulawe kubangwa utshwala - Umbiko
Indoda eboshwe mayelana nokubulawa kukaHappy Sindane ibike yabambana ngamawashingi naye kubangwa ugologo ngayizolo, kusho umbiko.
View ArticleUboshiwe owengane 'eyebiwe' etekisini
Zimkhalele umama waseKapa osolwa ngokunganakekeli ngendlela umntwana wakhe, wase ekhala ngokuthi ingane yebiwe wumgibeli obesetekisini.
View ArticleUbenamaphupho amakhulu oshonele esikoleni
Umfundi owashona ngemuva kokugwiliza e-swimming pool esesikoleni uZakhele Zuma, wayenamaphupho okuba ngudokotela noma unjiniyela uma eseqede isikole.
View Article'Hlukanani nokusiza izigebengu ngemithi'
UMnyango wezamaJele unxuse abelaphi bendabuko ukuthi bahlukane nomkhuba wokusebenzisa umuthi ukuvikela izigebengu, kusho umbiko.
View ArticleKumiswe ukuvakashelwa kweziboshwa ejele
Kuvaliwe ukuvakashelwa kweziboshwa ejele iBavianspoort Correctional Centre, ngasePitoli, kulandela ukuthi kuqubuke impi yeziboshwa ngaphakathi ejele.
View ArticleOsomatekisi netulo lokubulala izinkabi
Kunetulo elikhona lokuthi kubulawe ofakazi boMbuso ababili, ekulindeleke ukuthi bethule ubufakazi ecaleni elibhekene nosomatekisi abathathu abasolwa ngamacala okubulala.
View Article