Kuzophenywa ngenyanga ezayo ngolwasoThongathi
Luzoqala ngoJanuwari uphenyo ngenxanxathela yezitolo eyadilika oThongathi, kwashona abasebenzi ababili kwalimala abangu-29, kusho uMnyango wezabaSebenzi.
View ArticleKuwumbhedo ukusho kweNumsa - ANCYL
Kuwumbhedo ukuthi inyunyana yabasebenzi iNumsa, ikhulume ithi akehliswe esikhundleni uMengameli wezwe uJacob Zuma, kusho isitatimende sabe-ANCYL.
View ArticleNumsa: Inhlokomo kutheleka uVavi
Kuqhume izimpempe kwasho nomkikizo kwamukelwa ngenhlokomo uNobhala Jikelele womfelandawonye wezinyunyana, nomisiwe emsebenzini, uZwelinzima Vavi.
View ArticleAsinavalo - Irvin Jim
Inyunyana iNational Union of Metalworkers of SA (Numsa), ayinavalo futhi ayikhathazwa yizinkulumo zalaba abathi kumele iphenywe, kusho uNobhala Jikelele u-Irvin Jim.
View ArticleAsikho kumbimbi lwamaqembu - IFP
Ubuholi eqenjini iNkatha Freedom Party (IFP), buthi buthukile bubona imibiko yabezindaba ethi iqembu liyingxenye yombimbi olusungulwe ngamaqembu amancane, ezombusazwe.
View ArticleUzogwetshwa ngonyaka ozayo uBasson
UWouter Basson, onguchwepheshe wamakhemikhali nowayesebenza ngesikhathi sikahulumeni wobandlululo, utholakale enecala lokuphula imigomo yokusebenza kwamakhemikhali.
View ArticleUVavi ugxeka uhulumeni
Uhulumeni we-ANC uhlulekile kwanda isibalo sabantu abangasebenzi nobuphofu kusho uNobhala Jikelele weCosatu, uZwelinzima Vavi, okumanje umisiwe emsebenzini.
View ArticleULekota uchaza ngombimbi lwamaqembu
Umholi weCope, uMosiuoa Lekota uchaza ngombimbi olwakhiwe ngamaqembu ezombusazwe neluzokwaziwa ngeleCollective for Democracy.
View ArticleUMadikizela-Mandela ugxeka abezindaba
UWinnie Madikizela-Mandela usezwakalise ukukhathazeka ngalokhu akubiza nokugxambukela, athi kwenzizwa ngabezindaba ababhala okungekho uma bebika ngomndeni wakwaMandela.
View ArticleUJim uthi ithembisa ubala i-ANC
Inyunyana yabasebenza ngensimbi, iNumsa, ithi iqembu elibusayo i-African National Congress, alizigcini izithembiso elazenza okhethweni lwango-2009.
View ArticleUngeniswe esibhedlela utolika
Ungeniswe esibhedlela sabagula ngekhanda undabamlonyeni katolika owazithela ngehlazo etolika into engakaze ibe khona, ngesikhathi kuqhubeka isikhumbuzo sikaMandela.
View ArticleSekukhala isicathulo sikaMakaziwe
UMakaziwe, oyindodakazi endala yomholi uNelson Mandela, nguye osengungqo shishilizi emndenini wakwaMandela, kusho umbiko ekuthiwa ukhishwe nguWinnie Madikizela-Mandela.
View ArticleKushone ubaba nendodana engozini
Kushone ubaba nendodana yakhe eneminyaka emithathu ubudala, ngesikhathi kwehla ingozi yomgwaqo, imoto ebebehamba ngayo ishayiswa yiloli.
View ArticleBalinganiselwa ku-1000 obhejane abazingeliwe
Okungenani bangu-1000 obhejane asebezingeliwe kusukela kuqale unyaka kanti bangu-330 abantu asebeboshiwe, kusho uMnyango wezeMvelo.
View ArticleAngeke ivalwe imali yeqolo - Sassa
Kuyalwa abantu ukuthi bazishaye indiva izincwadi abazithunyelelwe ezithi kumele bayoziveza kuze bezokwazi ukuthi baqhubeke bathole imali yesibonelelo sabantwana.
View ArticleKwakumele ulungiswe umuzi oseNkandla - Nxesi
Ukulungiswa komuzi kaMengameli uJacob Zuma, eNkandla, kwabe kufanelekile, kusho ithimba loNgqongqoshe beKhabhinethi.
View ArticleKuningi okungahambanga kahle eNkandla - Nxesi
Kuningi okungahanjiswanga ngendlela ngesikhathi kulungiswa umuzi kaMengameli uJacob Zuma, eNkandla, kusho uNgqongqoshe wezemiSebenzi yoMphakathi, uThulas Nxesi.
View ArticleUZuma usayine i-youth wage subsidy
UMengameli uJacob Zuma usayine phansi ephasisa umqulu i-Employment Tax Incentive Act No 26 of 2013, nekuhloswe ngawo ukuhlomulisa abantu abasha.
View ArticleKuboshwe uJulius Malema
Kuze kwashaya o-23:00 ebusuku elokhu wegqunywe esitokisini umholi weqembu i-Economic Freedom Fighters, uJulius Malema, obanjwe ngamaphoyisa ehamba ngesivinini esiphezulu.
View ArticleKuminze izingane eWestern Cape
Zishonele emagcekeni esibhedlela izingane ezintathu eziminze ebhishi iLeisure Isle, eKnysna, esifundazweni saseWestern Cape, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo.
View Article