Ona-13 udale ingozi eshayela imoto
Umshayeli oneminyaka engu-13 ubudala, nomgibeli wakhe onemimyaka engu-15 ubudala, baphume ngembobo yenalithi ngesikhathi imoto yabo idala ingozi.
View ArticleLisazoyidliva impela eKapa - Umbiko
Iziphathimandla zaseKapa zivule izikhungo zokusiza abantu kuleli dolobha elihlaselwe yizimvula esezishiye izinkulungwane zabantu zikhahlamezekile.
View ArticleAbafundi bafuna amaholidi athe xaxa
Izingane zesikole ziyakweseka ukwengezwa kwamahora okufunda ukuze kufundwe olunye ulimi lwesithathu, kuveze ucwaningo olwenziwe.
View ArticleOkusha ngamaphoyisa aseMarikana
Kumele athathelwe izinyathelo amaphoyisa ayeqaphe emayini yaseMarikana, afutha abavukuzi ngesisi esikhalisa unyembezi, ekubeni engayalelwanga ngabaphathi bawo.
View ArticleZibakhalele 'ababulale' umuntu ephila
Amaphoyisa abophe abathathu kuhlanganisa nodokotela ecaleni lokuntshontsha umazisi kanye nokwenza isitifiketi sokushona komuntu esingumgunyathu.
View ArticleUMpshe waphambana nenkantolo - Umbiko
Owayeyibamba lenhloko ye-NPA, uMokotedi Mpshe, wazishaya indiva iziphakamiso zokuthi uMengameli uZuma aqhubeke nokushushiswa, kusho umbiko.
View ArticleUcela ukufuniswa abantwana bakhe abangu-17
Owesifazane waseKapa ohamba ngesihlalo samasondo, uthi ucela ukufuniswa abantwana bakhe abangu-17, abanye babo abangamawele.
View ArticleKweqe iziboshwa eMpumalanga
Iziboshwa ezimbili ezilinnde ukuthethwa kwamacala azo, zeqile ngeiskthi zithuthelwa ejele, kusho amaphoyisa aseMpumalanga.
View ArticleUZuma uqoke umqondisi ku-NPA
Umengameli wezwe uJacob Zuma useqoke uMxolisi Nxasana njengoMqondisi omusha wezokuShushiswa koMphakathi, kusho iHhovisi likaMengameli.
View ArticleUyazama uhulumeni - Pandor
Uhulumeni usenze kangcono kakhulu kwezeMfundo kanjalo nakwezeMpilo, kusho uNgqongqoshe woMnyango wezaseKhaya uNaledi Pandor.
View ArticleUphele ngezinyembezi owoMhlanga
Kushone abantu abayishumi ngesikhathi ibhasi abebehamba ngayo yehlelwa yingozi ezimpambanweni zomgwaqo u-R66 no-R34 eMelmoth, kusho uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal.
View ArticleKutholakale isidumbu sosana eThekwini
Unogada wakwa-Enforce Security uzithele phezu kwesidumbu sosana lulahlwe eceleni komgwaqo enkabeni yeTheku, kusho abezimo eziphuthumayo.
View ArticleIzigelekeqe zimise kabi abazalwane
Sekuvele ukuthi kunezigelekeqe ezimise lubhojozi abazalwane abakhonzela ematendeni agxunyekwe ezigangeni eSoweto, kusho amaphoyisa.
View ArticleZimkhalele obethwebula izintombi eMhlangeni
Kuzodingidwa indaba yokuphathwa kwamaselula eMkhosini woMhlanga phakathi kwabagqugquzeli balo mcimbi nendlu yasebukhosini bakwaZulu.
View ArticleUsomabhizinisi uzidubule nonkosikazi
Kushone usomabhizinisi owaziwayo eMgungundlovu ngemuva kokudubula unkosikazi wakhe ngaphambi kokubhekisa isibhamu ngakuyena.
View ArticleLususwe ngowesifazane olwase-SANDF
Unogada wasenkambini yamasosha eFree State ubulale uzakwabo walimaza abanye ababili ngeSonto esehlakalweni sokudubula inyunyana yeSANDF ethi bekubangwa kusona intombi.
View ArticleKubulawe umlimi eMpumalanga
Kudutshulwe kwabulawa indoda esikhulile epulazini layo eWaterval Boven, eMpumalanga, kusho amaphoyisa asesifundazweni.
View ArticleZiyikhalele indoda esolwa ngokubulala enye
Ilale ibaliwe indoda ngezinsolo zokudubula ibulale enye eMgungundlovu, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.
View ArticleLihlehlisiwe olukubulala eGriekwastad
Ukuqulwa kwecala lomfana oneminyaka engu-17 ubudala osolwa ngokubulala umlimi waseGriekwastad nomndeni wakhe, lihlehlisiwe eNkantolo eNkulu eNorthern Cape.
View ArticleUmlilo uvale ngehlahla emndenini
Umndeni wamalungu amane - izithandani kanye nezingane ezimbili zazo - bashonile ngesikhathi kuqubuka umlilo ngempelasonto emjondolo abebehlala kuwo.
View Article