Kubulawe ebebezingela obhejane
Bane abantu ababulewe ngempelasonto, kulandela izinsolo ezithi bebezama ukuzingela obhejane esiqiwini iKruger National Park.
View ArticleKushone abathathu engozini eMhlanga
Kushone abantu abathathu ngesikhathi kutholana phezulu itekisi nezimoto ezimbili emgwaqeni uM4 ngaphandle kwaseMhlanga, kusho abosizo lokuqala KwaZulu-Natal.
View ArticleNgeke balungenele ukhetho ababexoshiwe
Alikho nelilodwa ikhansela kulawa angu-14 axoshwa aphinde abuyiselwa emsebenzini eTlokwe, azongenela ukhetho lokuchibiyela ngenyanga ezayo, kusho i-ANC eNorth West.
View ArticleI-EFF iyakuvuma ukusula kukaKunene
Usomabhizinisi othanda kakhulu ubukhazikhazi nosenikwe elikanontandakubukwa, uKenny Kunene, wesulile eqenjini i-Economic Freedom Fighters (EFF), kusho iqembu.
View ArticleKushone owesilisa engozini eBenoni
Kushone umuntu oyedwa kwathi abayisihlanu balimala ngesikhathi kushayisana izimoto eBenoni, empumalanga neGoli, kusho abezimo eziphuthumayo.
View ArticleUmninipulazi udubule wabulala iziqashi
Umninipulazi waseFochville, uboshiwe kulandela ukuthi adubule abulale iziqashi ezimbili kwalimala esisodwa, enza konke lokhu phambi kwamaphoyisa.
View ArticleUTlakula ugxibhe umbiko kaMadonsela
USihlalo we-Independent Electoral Commission, uPansy Tlakula usegxeke umbiko woMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela wathi kumele bawuphikise.
View ArticleBengezelwe isigwebo abadlwenguli
Abantu ababili abebedlwengula bephindelela nabaphikisa isigwebo sabo seminyaka engu-20 bebhadla ejele, bagixabezwe ngodilikajele, kusho umbiko wephephandaba.
View ArticleOdilikajele kowadlwengula wabulala
Owesilisa owadlwengula, waphinde wajezisa kanzima isalukazi e-Eastern Cape waze wasibulala, ugwetshwe odilikajele obabili, ngokusho kombiko.
View ArticleOna-13 ufuna kuba ngumcoboshisi eKapa
Umfanyana omncane waseManenberg, uneminyaka engu-13 ubudala, uthi iphupho lakhe elikhulu ukuba ngumcoboshisi eqenjini lezigelekeqe amaHard Livings.
View ArticleI-DA ifuna ukuvulela amakhansela amacala
IDemocratic Alliance ifuna ukuthathela izinyathelo zomthetho ababengamakhansela kumasipala waseThekwini amagama abo avelayo embikweni womcwaningimabhuku.
View ArticleAngase aboshwe owadelela ebe ekweleta
Indoda yaseThekwini eyabe ihluleka ukukhokhela imoto yayo yadelela isisebenzi sasebhange, ithi asihambe siyofa, ingase izithole isenkingeni njengoba ingase iboshwe.
View ArticleUdoja intela owathenga umuzi kaMalema
Kuvele izindaba ezithi ukhwabanisa intela usomabhizinisi owathenga umuzi womholi uJulius Malema, owabe ungakaqedwa ukwakhiwa, oseSandown.
View ArticleUphethe ngokufa obekweletwa u-R50
Wafunga wathi kungavuka abalele uma ngabe lowo omkweleta u-R50 engafile ngalolo suku, wabe esemgwaza ephindelela ngommese emqaleni nasengalweni.
View ArticleInkantolo ichithe isicelo se-DA
INkantolo isichithile isicelo seDA, ebifuna inkantolo ichaze noma ingalalelwa yini ngaphambi kwePhalamende inkulumompikiswano, ngoMengameli uJacob Zuma.
View ArticleKuboshwe abaduni eMotherwell
Amadoda amabili aboshiwe ngesikhathi ezama ukuqaqa imoto ekukholakala ukuthi yebiwe eMotherwell, e-Eastern Cape, kusho amaphoyisa.
View ArticleAngeke bahlolwe abazomakela umatikuletsheni
Akusibo bonke abamakela umatikuletsheni abazohlala phansi bahlolwe ikhono labo, kusho uNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, u-Angie Motshekga.
View ArticleLizokuba limbi izulu eKapa
Kuzokuba namakhaza ashubisa umkantsha edolobheni laseKapa, ezinsukwini ezimbalwa ezizayo, kusho izikhulu ezibhekele izinhlekelele edolobheni.
View ArticleKudutshulwe kwabulawa iphoyisa eMlazi
Kushone iphoyisa kanye nomunye ebelihleli naye emotweni, ngesikhathi kunesehlakalo sokudubula esenzeke elokishini laseMlazi, eThekwini.
View ArticleSisengcupheni isithunzi sokhetho - IFP
Isithunzi sokhetho lwango-2014 sisengcupheni enkulu, kusho iqembu iNkatha Freedom Party kulandela ukuphuma kombiko kaMvikeli woMphakathi.
View Article