Ufakazi uthi usefana nofe ephila
Ufakazi ecaleni lokubulawa komlandeli we-IFP utshele inkanolo ukuthi usengumuntu ofile ngemuva kokuba kudalulwe ikheli kanye nenombolo yakhe yocingo enkantolo.
View ArticleUgwetshiwe ngelokushaya indodana
Umshayeli wetekisi ugwetshwe iminyaka emihlanu esejele ngokushaya indodana yakhe eneminyaka engu-12 ubudala, kusho umbiko.
View ArticleNgeke ayihambele inkomfa uMphahlele
UMengameli we-PAC oxoshiwe uLetlapa Mphahlele, unqabile ukuphikisa isinqumo sokuxoshwa kwakhe ngaphambi kwekomidi leqembu, wathi liyinkantolo yasehlathini.
View ArticleBayaqhubeka nokulwa ngendle
Ababhikisha ngokusaphaza indle eKapa, baphazamise ukuhamba kwezimoto ku-N2, abashayeli baphoqeleka ukuthi bashintshe umzila ohamba ngaseKhayelitsha.
View ArticleIminyaka engu-100 imbokodo iyibambe ishisa
UMengameli uJacob Zuma uzohola izwe ekugubheni usuku lwembokodo njengoba iNingizimu Afrika izobe iqeda iminyaka engu-100 abesifazane balwela ukwenza izwe libe ngcono.
View ArticleI-ANC ilahlekelwe yisasasa - IEC
Iqembu elibusayo i-African National Congress, lithe ukwehlelwa yisasasa esifundazweni saseNorth West, nokho lazuza ama-ward amabili eWestern Cape.
View ArticleBavelile ababhikishi baseFochville
Bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseCarletonville abahlali baseFochville, abangu-25, babhekene necala lokudala uthuthuva emphakathini, kusho amaphoyisa.
View ArticleUmzukulu uvakashele uMandela esibhedlela
Umzukulu womholi uNelson Mandela, uNdileka Mandela, uvakashele umkhulu wakhe esibhedlela alashelwa kuso ePitoli, iMedi-Clinic Heart Hospital.
View ArticleUkhiphe incwadi uWinnie Madikizela-Mandela
UWinnie Mdikizela-Mandela, owabe engunkosikazi kaMengameli wokuqala wentando yeningi uNelson Mandela, usekhiphe incwadi ekhuluma ngempilo yakhe esejele.
View ArticleIsikhulu soMnyango kwelenkohlakalo
Isikhulu esiphezulu eMnyangweni wezopkuPhepha esifundazwei saseMpumalanga, sikanye nomqondisi enkampanini, bakhalelwe ngamasongo kaSigonyel
View ArticleAbe-ANC ne-DA badlulise izikolotho kumaSulumane
Amaqembu i-African National Congress neDemocratic Alliance, asefisele abenkolo yamaSulumane usuku i-Eid Mubarak enhle.
View ArticleElaku leli selithengise izikhali zika-R1.7 billion
INingizimu Afrika yathengisa izikhali ezingaba yintengo ka-R1.7 billion, zithengiselwa amanye amazwe, esikhathini esiyizinyanga ezedlule, kusho umbiko ohanjiswe ePhalamende.
View ArticleUsenkingeni uthisha owabhobozisa umfundi umphambii
Angase abhekane necala uthisha wasesikoleni esisePitoli, owathatha umfundi wesilisa wayomfakisa icici esithweni sakhe sangasese, kusho abesigungu.
View ArticleWehliswe esikhundleni uVavi
Abenhlangano elwa nobugebengu nenkohlakalo iCorruption Watch, sebemkhiphile uNobhala Jikelele weCosatu, uZwelinzima Vavi, ekubeni yingxenye yenhlangano.
View ArticleBaphume bengenamyocu kweyebhasi
Baphume bengenamyocu abagibeli bebhasi yakwaTranslux eginqike emgwaqeni ongu-M1, enhla naseGoli, kusho abahambisa usizo oluphuithumayo ngoLwesihlanu.
View ArticleUzobhadla odlwengule indodakazi eKZN
Izohlala ejele impilo yayo yonke indoda yaseMhlali KwaZulu-Natal, elahlwe yicala lokudlwengula indodakazi yayo enegayizali, neneminyaka engu-11 ubudala.
View ArticleZimkhalele obetotoba emgwaqeni
Owesilisa, 45, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela ngokushaya ngonyawo lonwabu emgwaqeni uN1, eMidrand, kusho okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseGoli.
View ArticleIphoyisa lizibulale nonkosikazi
Iphoyisa, 35, lidubule labulala unkosikazi walo ngaphambi kokuzibulala nalo eKagiso, eWest Rand, kusho amaphoyisa aseGauteng.
View ArticleKushone 3 engozini eHeidelberg
Kushone abantu abathathu ngesikhathi kutholana phezulu itekisi nemoto eHeidelberg, kusho abezimo eziphuthumayo eGauteng.
View ArticleUboshelwe ukushayela ephuzile uYengeni
Lowo oyilungu eliphezulu lekomidi le-ANC uTony Yengeni, kubikwa ukuthi ulale etokile ngemuva kokubanjwa eshayela edle amanzi amponjwana eKapa.
View Article