Owayengungqongqoshe ecaleni lokushaya
OwayenguNgqongqoshe wezokuHlaliswa kwaBantu eMpumalanga, uSiphosezwe Masango, kanye nonogada bakhe ababili baphenywa ngecala lokushaya.
View ArticleZibuhlungu ezokudlula kukaJaji Pius Langa
UMengameli wezwe uJacob Zuma ubuhlungu emoyeni kulandela ukuzwa ngezindaba zokudlula emhlabeni kowabe eyiNhloko yamaJaji uPius Langa.
View ArticleKugxekwe abebezama ukusoconga imeya
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uWillies Mchunu, usegxeke isenzo sokuzama ukubulawa kweMeya yaseRichmond, u-Andrew Ragavaloo.
View ArticleKubhedile kuDewani
INkantolo yeMantshi yaseWestminster, inqume ukuthi abuyiselwe eNingizimu Afrika uShrien Diwani, osolwa ngokuba ngungqondongqondo ekubulaweni kukankosikazi wakhe.
View ArticleIntsha ifuna umengameli othembekile
Abantu abasha baseNingizimu Afrika abangaphezu kwengxenye bakholwa ukuthi ukwethembeka yiyonanto eyosiza laba abasembangweni wesikhundla sokuba ngumengameli wezwe.
View ArticleUzogwetshwa umshayeli wetekisi eyabulala abantu
Uzogwetshwa umshayeli wetekisi obethweswe icala lokubulala abagibeli bakhe abangu-15, kwaguqulwa icala lakhe kwaba ngelokubulala ngokungenhloso.
View ArticleKunukwa umyeni ngezincwadi ezatholakala
Izincwadi eziningi zokuzibulala ezatholwa eduze kwesidumbu sowesifazane esasingaphansi kwesihlahla azibhalwanga ngumufi kodwa zabhalwa ngumyeni wakhe.
View ArticleAbelaphi bendabuko bahambele uMandela
Iqeqebana labelaphi bendabuko eGauteng, bahlangane ngaphandle kwesibhedlela ekwelashelwa kuso loyo owabe enguMengameli wokuqala wenkululeko uNelson Mandela.
View ArticleKuboshwe ababanjwe nezidakamizwa eKapa
Izolala ibaliwe indoda nowesifazane ababoshwe ngemuva kokutholakala nezidakamizwa ezingaba yinani lika-R100 000, ngentengo yasemgwaqeni, kusho amaphoyisa.
View ArticleUngqongqoshe ukhala ngeyokudlwengulwa kukagogo
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal uWillies Mchunu usezwakalise ukushaqeka ngokudlwengulwa kwesalukazi.
View ArticleKutholakale isidumbu sendoda eThabong
Kutholakale isudumbu sendoda eneminyaka engu-28 ubudala, sidindilizile endaweni evulekile eThabong, eWelkom, kusho amaphoyisa aseFree State.
View ArticleBagwetshiwe abagebenga empeshenini
Amadoda amabili aseThekwini adubula alimaza abantu ababili ngesikhathi ebamba inkunzi lapho kuholelwa khona impesheni agwetshwe kanzima yinkantolo.
View ArticleKuboshwe 3 ngezidumbu ezatholakala zinqunu
Kuboshwe amadoda amathathu mayelana nesigameko sokubulawa kwabantu ababili eVereeniging, izidumbu zabo ezatholakala zinqunu ngaphandle kwefemu.
View ArticleUyavela osolwa ngokudlwengula 34 wezingane
Uyavela eNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge owesilisa osolwa ngokudlwengula izingane ezingu-34 ezingaphansi kweminyaka engu-18 ubudala nabesifazane ababili.
View ArticleUZuma uzoqoka inhloko ye-NPA
Ngasekupheleni kwenyanga ka-Agasti uMengameli uJacob Zuma uzoqoka iNhloko yezokuShushisa, phecelezi uNational Director of Public Prosecutions (NDPP).
View Article'Ubeyiqhawe umfana wami'
Umfundi waseMaritzburg College uNjabulo Ngcobo, ushone njengeqhawe elwela umndeni wakhe, kusho umama wakhe ososizini etshela abezindaba.
View ArticleLingase likhishwe enkantolo elakwaMandela
Icala elivulelwe usomabhizinisi uTokyo Sexwale, Bally Chuene noGeorge Bizos, nokwenziwa ngumndeni wakwaMandela lingase licishwe emqulwini wenkantolo, kusho umbiko.
View ArticleLihlehlisiwe elowabulala isoka ngemikhoba
Owesifazane waseKapa nosolwa ngokubulala isoka lakhe ngemikhoba yalo uvele eNkantolo yeMantshi yaseMuizenberg, kusho umbiko.
View ArticleIsikole sikhokhisa abazali ngenkani
Isikole saseCarletonville ekungamele engabe siyakhokhisa, siphoqa abazali ukuthi bakhokhele abafundi imali elinganiselwa ku-R1 000 ngonyaka.
View ArticleUzibulele obesolwa ngokudlwengula inqwaba
Owesilisa osolwa ngokudlwengula izingane ezingu-34 ezingaphansi kweminyaka engu-18 ubudala nabesifazane ababili uzikhungile sekusele imizuzu embalwa avele enkantolo eGol.
View Article