Quantcast
Channel: isiZulu Ningizimu Afrika
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live

I-NPA izodlulisa isigwebo sikaBrown

UMbuso uzocela iNkantolo eNkulu yokweDlulisa amaCala, ukuthi ithi ukwandisa isigwebo esatholwa owabe eyisikhulu senkampani iFidentia, uJ Arthur Brown.

View Article


Sizinzile isimo eMarikana

Akukho zehlakalo ezibikiwe emayini ye-platinum iLonmin, eseMarikana, ngemuva kwesehlakalo sokudubuka esenzeke ehostela iWonderkop, kusho amaphoyisa aseNorth West.

View Article


Ngamdlwengula u-Anene - Umsolwa

Umsolwa uJohannes Kana uvumile ukuthi wadlwengula, waphinde washaya u-Anene Booysen,17, wathi kodwa akambulalanga, wagcizelela ukuthi wamshiya ephila.

View Article

Izigidi kulungiswa izimoto zamaphoyisa eGauteng

Zingaphezu kuka-20% izimoto zamaphoyisa asesifundazweni saseGauteng, ezadala izingozi, onyakeni wezimali u-2012/13, kusho umbiko.

View Article

Kuchithwe indle emnyango wesiShayamthetho

Abalisa ababili bavumile ukuthi balahle indle ngasemnyango wesiShayamthetho saseWestern Cape, embhikishweni wokuphikisana nezindlu zangasese eziphathwayo.

View Article


Kuqubuke umlilo efemini eGoli

Abasebenza ukucima umlilo bamatasa efemini eseGoli, bazama ukunqanda ubuhanguhangu, kulandela ukuqubuka komlilo kule femu ekuMain Reef Road.

View Article

Akukho kuchema kwelikaPistorius - NPA

Uphenyo ngecala lokubulala elibekwe umsubathi u-Oscar Pistorius, alichemile, phezu kokuvela kwezithombe zendawo yesehlakalo kwabezindaba, kusho abe-NPA.

View Article

Uzohlawulwa owadlwengulwa esesitokisini

Umlisa othi wadlwengulwa esitokisini samaphoyisa eRustenburg, ngemuva kokuboshwa ngokungemthetho, uwunqobile umzuliswano wokuqala wokufuna ukukhokhelwa.

View Article


Uvume elokubulala 'isithandwa senhliziyo yakhe'

Ngesikhathi ephisela ekhanda isibambo sembazo, endodaneni yakhe eneminyaka emithathu ubudala, indodakazi yakhe yagijima yambamba ithi: "baba ushaya ingane."

View Article


Ufuna inhlawulo ekuthiwa wathuka uZuma

Izingxoxo zenhlawulo zifike kwangqingetshe ecaleni lowayezilolonga, osolwa ngokuveza umunywe ophakathi nendawo, evezela izimoto ezaziphelezela uMengameli uJacob Zuma.

View Article

Okusha kwiKhomishana kaFarlam

Iqubule imibuzo eminingi indawo entsha eseCenturion, ezosetshenziswa yiKhomishana kaFarlam, ephenya ngodlame lwangonyaka odlule emayini yaseMarikana.

View Article

Amaphoyisa abulale obulale umkakhe

Amaphoyisa abulale indoda ebisolwa ngokubulala unkosikazi wayo, endaweni yaseNdwedwe, enhla naseThekwini, eyenze lesi sehlakalo yase izama nokubulala ingane.

View Article

Uthole udilikajele unogada owabulala

INkantolo eNkulu yasePitoli imgwebe udilikajele unogada otholakale enecala lokubulala owesifazane, wase efaka isidumbu sakhe esitamukokweni.

View Article


Abe-ANCYL basolwa ngokuphazamisa uDe Lille

Idolobha laseKapa seligxeke amalungu ophiko lwentsha i-ANC Youth League, lathi aphazamise umhlangano womphakathi obubanjelwe eKosovo, ePhilippi.

View Article

Kutholakale isidumbu efrijini

Amaphoyisa abengakabophi muntu ngokutholakala kwesidumbu somninipulazi waseQueenstown, sigxishwe efrijini lasesitolo sakhe, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

View Article


Ababhikishi bavale umgwaqo eRoodepoort

Amaphoyisa kaMasipala waseGoli, athi ababhikishi abashisa amathaya, sebevale umgwaqo iRandfontein Road, eRoodepoort, kwaphazamiseka ukuhamba kwezimoto.

View Article

Sasingekho isihluku kuhlolwa ababeyofesa - Ummeli

Kwakungenasihluku ukuhlolwa kwabantu ababeyofuna umsebenzi wokuba ngamaphoyisa omgwaqo, KwaZulu Natal, nokwaholelea ekushoneni kwabayisishiyagalombili.

View Article


ISanco igxeka ukuhlaselwa kwabokufika

Inhlangano iSouth African National Civic Organisation (Sanco), isizwakalise ukukhathazeka ngezehlakalo zodlame olubhekiswe kwabokufika, kusho isitatimende sayo sakamuva.

View Article

Isenkingeni yezimali i-ANCYL

Uphiko lwentsha i-ANC Youth League, lubhekene nenselelo yokushaqelwa impahla eNkantolo eNkulu eSouth Gauteng, kusho imibiko yakamuva.

View Article

Imibuzo ngeselula kaReeva 'ekhiyiwe'

Sekuqubuke imibuzo ngomakhalekhukhwini kaReeva Steenkamp, owadutshulwa yisoka lakhe u-Oscar Pistorius ngeValentine’s Day.

View Article
Browsing all 27149 articles
Browse latest View live


<script src="https://jsc.adskeeper.com/r/s/rssing.com.1596347.js" async> </script>